OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs, u-Edmore Chirambandare, ubona abadlali abakhona kuleli qembu besezingeni elifanele ukuthi bengaliwinela indebe.
UChirambandare (31), osedlala kwiVenda Football Academy kwiMotsepe Foundation Championship, ngomunye wabadlali abafulathele iNaturena bengawinanga neyokubika indebe. Wajoyina Amakhosi ngo-2016 esuka kwiChicken Inn yaseZimbabwe. Wakhonjwa indlela ngo-2018.
Emuva kokukhululwa yiChiefs, uChirambandare akaphindanga wathola iqembu kwiDStv Premiership. Ukhuluma eyezindebe neChiefs nje, ngesonto eledlule kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana, isikhulu saMakhosi, uKaizer Motaung Junior oyi-Sporting Director, siphendula inkulumo eyenziwa owayengumdlali waleli qembu, uDaniel Cardoso oseyibamba kwiSekhukhune United. UCardoso wathi leli qembu alikakulungeli ukunqoba izindebe ngoba lisakha futhi lishaya ngabafana abancane.
UMotaung Junior, ekhuluma emsakazweni iRadio 2000, uphendule ngokuthi iyammangaza inkulumo kaCardoso ngoba udlale iminyaka eyisikhombisa kwiChiefs kodwa akanqobanga lutho. Uthe lo mdlali akafanele nokuphatha igama lezicoco ngoba akaze asithole.
UChirambandare yena uthe iChiefs ibophele abadlali abangakwazi ukunqoba isicoco.
"Kunabadlali abahle kwiChiefs. Ngicabanga ukuthi bazoyinqoba indebe. Ngesikhathi sethu sehluleka, asinqobanga lutho kodwa uMdali unesikhathi sakhe sokwenza izinto. Uma bengazimisela, basebenze kanzima bengayinqoba indebe. Njengoba besazodlala iNedbank Cup, nginethemba futhi ngiyafisa ukuthi bayinqobe. Kimina kusebuhlungu ukuthi anginqobanga lutho kwiChiefs ngoba uma udlalela iqembu elikhulu udinga ukunqoba izindebe kodwa akwenzekanga," kusho uChirambandare.
IChiefs isalelwe yithuba lokugcina lokujabulisa abalandeli bayo kule sizini njengoba isekhona kwiNedbank Cup. Izobhekana ne-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu ngoMeyi 6 eFNB Stadium. Ekuqaleni kwesizini iphunyukwe yiMTN8 ethathwe yiPirates. Isicoco seligi sesivele sinqotshwe yiMamelodi Sundowns. Amakhosi agcina ukuphakamisa indebe ngesizini ka-2014/2015 ethatha iMTN 8 neligi ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uStuart Baxter.
Nakuba uChirambandare, oyinxele eliyibamba ohlangothini esiswini, esedlale isikhathi eside kwiChampionship kodwa akalilahlile ithemba lokubuye ayibambe kwiPremiership.
"Emuva kokuhlukana neChiefs bekungelula kodwa ngakwazi ukuvuka ngizithathe. I-NFD ayiyona iligi encane. Kufanele usebenze kanzima kuyona yonke imidlalo, wonke amasizini. Ngisaqhubeka nokuzama ukusebenza kanzima. Awekho amaqembu ePremiership asakhombise ukungifuna kodwa nginalo ithemba njengoba isizophela isizini," kusho uChirambandare.