KUVELA ukuthi ushelwa yiTP Mazembe yaseDemocratic Republic (DRC), uRaul Caneda, ongomunye wabaqeqeshi abagaqele umsebenzi wokucija iKaizer Chiefs.
Leli phephandaba lithole ukuthi ngesonto eledlule, lo mqeqeshi ungomunye wabafake kuMaKhosi isicelo somsebenzi.
Emasontweni edlule, leli qembu laseSoweto lihlukane nobengumqeqeshi uMolefi Ntseki ngenxa yokuphikwa yimiphumela nobesekuholele ekutheni ahlaselwe abalandeli uma iqembu lihluliwe. Kube sekubekwa uCavin Johnson njengabamba-mqeqeshi.
Kuvela ukuthi i-CV kaCaneda ifikile emehlweni kaKaizer Motaung Junior oyiSporting Director futhi wachazeka iyona.
UCaneda uneziqu zokuqeqesha ze-Uefa Pro neze-Uefa A Licence.
Uke waba yiphini lomqeqeshi kwiReal Sociedad nakwi-UD Almeria abadlala kwiSpanish La Liga. Ugcine ukuqeqesha iKhor Fakkan Club yase-United Arab Emirates ngo-2020.
Uke wacija nezikhondlakhondla zamaqembu aseSaudi Arabia, i-Al-Ittihad, Al-Nassr ne-Umm Salal Sport Club yaseQatar. Uphinde abe umhlaziyi wangaphandle weManchaster City eqeqeshwa uPep Guardiola. Emsebenzini wakhe wokuqeqesha akanawo umlando wokunqoba izicoco.
IChiefs sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili ipheka ithulula abaqeqeshi nabadlali, izama ukuhlanganisa iqembu elizobuyisa izinsuku zenjabulo njengoba yagcina ukunqoba isicoco ngesizini ka-2014/2015, ngaphansi kukaStuart Baxter
Ngokuthola kwaleli phephandaba, abaphathi bezindaba zikaCaneda sebelinde ukuzwa kwiChiefs usuku azobizelwa ngalo kwinhlolokhono.
Kuvele ukuthi ngesonto eledlule, lo mqeqeshi ubekwinhlolokhono yeMazembe.
Nakhona kuthiwa izikhulu zayo zichazekile, sekudingidwa indaba yemali.
"Uma ngabe iChiefs imthandile uCaneda kuzomele izame ukuhlangana naye maduze ngoba neMazembe ayizibekile phansi, iyamfuna. Ngempelasonto edlule, ubeye kwinhlolokhono yayo," kubeka umthombo.
UMinenhle Mkhize ongumphathi wezindaba zikaCaneda akayiphikanga futhi akayivumanga eyokufaka isicelo kwiChiefs.
"Engingakuqinisekisa ukuthi akhona amaqembu kuleli nangaphandle esikhuluma nawo. Ngicabanga ukuthi okuningi kuzocaca emasontweni ezayo," kubeka uMkhize.
Imizamo yokuthola uhlangothi lweChiefs ayiphumelelanga. UBobby Motaung oyimenenja uthunyelelwe umyalezo kodwa ubengakaphenduli.
Ngokusho komthombo, kuvela ukuthi izicelo zomsebenzi eNaturena ziqale ukungena esekhona uNtseki. Kukhona namahebezi athi kukhona negama likaManqoba Mngqithi ongomunye wabacija iMamelodi Sundowns. Yena kuvela ukuthi ufuna iphini lakhe kube uRomain "Fohloza" Folz waseFrance oke wacija AmaZulu.
Igama likaMngqithi aliqali ukumataniswa neChiefs njengoba kwenzekile ekupheleni kwesizini edlule kodwa wagcina ehleli kwiSundowns.
Elinye igama elivelayo ngelikaSven Vandenbroeck waseBelgium osanda kuhlukana neCR Belouizdad yase-Algeria.