OMUNYE wabadlali abahamba phambili ngokuhlabana ngezicoco kwiPremier Soccer League (PSL), u-Anthony Laffor, ube nesandla ekutheni izwe lakhe, iLiberia, liphume nomphumela ogculisayo ibhekene neBafana Bafana kuleli ngesonto eledlule. Lo mdlali useke wagijima kwiSuperSport United nakwiMamelodi Sundowns.
NgoLwesihlanu iLiberia imangaze iNingizimu Afrika iyibamba ngo-2-2 e-Orlando Stadium emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo e-Ivory Coast.
Iphuzu nokuthola amagoli amabili esekuhambeni asebeke iLiberia ethubeni elihle njengoba la mazwe azophinde ahlangane emlenzeni wesibili eMonrovia kusasa ngo-6 ntambama.
Kulo mdlalo kuyiwe kuwona ekhefini iBafana ihamba phambili ngo-2-0 kade isiyeke amanye amathuba amagoli.
Ngokomqeqeshi waseLiberia, u-Ansumana Keita, konke okwenzekile kuhambe ngendlela ebevele ebatshele ngayo uLaffor futhi bazoqinisekisa ukuthi iBafana bayenzela kube nzima uma sebebhekene kwelakubo.
ULaffor, odabuka kwelaseLiberia, wafika kuleli ezodlalela iJomo Cosmos, wadlulela kwiSuperSport United (adle nayo iligi amahlandla amabili), Sundowns nakwiChippa United.
Ngesikhathi lo mdlali, oseyingxenye yethimba labaqeqeshi kwiLiberia, ekwiSundowns, kulapho egqame khona kwazise udle nayo izicoco zeligi ezinhlanu, iTelkom Knockout, eseCaf Champions League neseCaf Super Cup.
“Sifike kulo mdlalo sesinalo lonke ulwazi ebesiludinga ngabadlali baseNingizimu Afrika ngoba uLaffor ubazi ukusuka nokuhlala ngabo, nangempela konke okwenzekile yilokhu abesicije ngakho,” kusho uKeita esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ngenxa yolwazi lukaLaffor nokuzethemba kwakhe ngokuthi singabuya nephuzu noma amathathu kulo mdlalo, nangempela kwenzekile.
“Ukubakhona kwakhe eduze kwabadlali kuyabakhuthaza ngakho-ke konke abebatshele khona ngaphambi komdlalo, kubakhuphulele ukuzethemba abadlali sebebona kwenzeka,” kuqhuba uKeita.
Lo mqeqeshi uthe ulande uLaffor esaqeqesha izikwati ezincane ukuzokhuphula khona belu ukuzethemba kubafana abancane.
“Uyinkakha yebhola laseLiberia uLaffor ngakho ngibone ithuba. Ngenhlanhla wasukumela phezulu uma ngimcela ngoba uyazifela ngeqembu lakhe lesizwe.
“Isandla sakhe siyamangalisa ekuzethembeni kweqembu,” kuphetha uKeita othembise iBafana impi kowakusasa ekuhambeni.