UZISHAYA isifuba ngomkhaya wakhe uPosnet Omony, oseqophe umlando eMzansi.
U-Omony wase-Uganda ubona eseyibekile induku ebandla uDenis Onyango abadabuka nabo ezweni elilodwa ngemuva kokuthi lo nozinti weMamelodi Sundowns enqobe isicoco sakhe seshumi seDStv Premiership.
Ongumqeqeshi wonozinti kwiRoyal AM, uzishaya isifuba ngempumelelo kamkhaya wakhe, uDenis Onyango weMamelodi Sundowns.
U-Omony ozakhele igama eminyakeni edlule evimbela iBloemfontein Celtic neBlack Leopards kwiDStv Premiership, uyena owacabela indlela u-Onyango ngokutshela imenenja yakhe, u-Ivica Stenkovic, ngalo nozinti ngesikhathi uPitso Mosimane, owayeqeqesha iSuperSport United, ethungatha unozinti ozothatha indawo kaCalvin Marlin.
Ngaleso sikhathi uMarlin wayesebheke kwiSundowns. Kwaqala konke lokho u-Onyango edlala kwiSC Villa yase-Uganda ngaphansi komqeqeshi uMilutin "Micho" Sredojevic ogcine eseqeqesha i-Orlando Pirates.
U-Onyango, osayine kwiSundowns ngesizini ka-2011/2012, uqophe irekhodi lokuba ngumdlali osewine iligi kaningi kunabo bonke kwazise useyinqobe kawu-10. Udle ezintathu zeligi kwi-United neziyisikhombisa kumaBrazilians. Ngaphezu kwalokho, usewine zonke izindebe ezikhona eMzansi, wengeza nange-Caf Champions League ayizuze ngo-2016, ngaphansi kukaMosimane.
"Ufike lapha eMzansi engunozinti ongaziwa. Yithina esavula indlela konozinti base-Uganda. Kodwa ukuqopha kwakhe leli rekhodi kuyinto enkulu. Kufanele sincome abaqeqeshi bakhe, ozakwabo, namaqembu adlale kuwona. Ngaphezu kwakho konke, sincome yena ngokusebenza kanzima," kusho u-Omony.
Njengabo bonke abadlali abasuka emazweni angaphandle, u-Onyango wathwala kanzima, ewukudla kwebhentshi kwiSuperSport, wagcina ededeliwe.
"Ufike lapha thina sesibazi ubunzima bokudlala kule ligi. Into yokuqala engamtshela yona wukuthi kufanele abekezele njengoba esakhula. Wafika kwiSuperSport wahlaliswa ebhentshini kodwa ngaso sonke isikhathi uma efakiwe wayebasiza. Emuva kokudla ijezi, akaphindanga esabheka emuva," kuchaza u-Omony.
Ukuqhakaza kuka-Omony no-Onyango kwiPremiership kucabele indlela abanye onozinti base-Uganda okunguSalim Magoola weRichards Bay FC oqokelwe umklomelo weDStv Premiership Goalkeeper of The Season no-Ishmael Watenga ogawulwe yizembe neMarumo Gallants.
"Into abantu abaningi abangayazi wukuthi e-Uganda uma ufuna izikhungo ezikhulisa onozinti awuyi kude. Bakhethwa besebancane labo ababukeka benekhono njengoba ubona uSalim manje kwiPremiership. Okuhamba phambili ekukhuliseni onozinti wubude.
“Bobabili laba bafana (Magoola noWatenga) obabona kwiligi, bade. Ngaphezu kwalokho, sincoma indlela abaqeqeshwe ngayo besakhula. Sibheke ukukhulisa abanye e-Uganda kodwa ngaphezu kwalokho, sifuna ukuthuthukisa abaseMzansi sigcizelele indaba yobude," kusho u-Omony ongumqeqeshi wonozinti kwiRoyal AM.