UMDLALO wowandulela owamanqamu we-African Football League (AFL) phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Al Ahly akuthandabuzwa ukuthi ubhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola lase-Afrika kule mpelasonto.
ISundowns izodudulana ne-Al Ahly yase-Egypt kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu e-AFL eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, namhlanje ngo-3 ntambama.
Owomlenze wesibili uzoba ngoLwesithathu ngo-8 ebusuku eCairo International Stadium eCairo, e-Egypt.
ISundowns ifinyelele kowandulela owamanqamu ngokugudluza iPetro de Luanda yase-Angola kuma-quarterfinal, ivulela isibhaxu sika 2-0 kowomlenze wokuqala eLuanda ngeledlule, zabe sezibambana ngo 0-0 ngoLwesibili kowomlenze wesibili eLoftus.
I-Al Ahly idlulele kowandulela owamanqamu ngokukhipha iSimba SC yaseTanzania.
Yize zibambane ngo 2-2 kowomlenze wokuqala eTanzania, zaphinde zabambana ngo 1-1 kowomlenze wesibili e-Egypt kodwa amagoli asekuhambeni yiwona awelise i-Al Ahly kowandulela owamanqamu.
ISundowns ne-Al Ahly sebephenduke izimbangi ebholeni lase-Afrika kwazise uma zidibene kusiphuka izidindi kanti iSundowns ibukeka isiqala ukuliphuza inyongo leli qembu lase-Egypt.
Okwenza umdlalo walezi zingqungqulu uthathwe njengowamagqubu wukuthi ngesizini edlule amaBrazilians anabisa amaRed Devils ngo 5-2 kowomlenze wesibili wesigaba samaqoqo weCaf Champions League ekubeni zazibambane ngo 2-2 kowomlenze wokuqala eCairo.
Cishe yikho lokhu okwenza umqeqeshi weDowns, uRhulani Mokwena, ingamtatazelisi eyokubhekana ne-Al Ahly.
“Ukubhekana ne-Ahly kuhlale kuhlaba umxhwele ngaso sonke isikhathi ngoba womabili lawa (i-Ahly neSundowns) ngamaqembu amahle kakhulu.
Inabadlali abahle kakhulu i-Ahly, ngiwubukile kancane umdlalo wabo abawudlale neSimba eTanzania bebambana ngo 2-2. Banomdlali oyisipesheli, uPercy Tau, engimthanda kakhulu,” kusho uMokwena.
“Kufanele kube ngumdlalo omuhle noseqophelweni eliphezulu. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siwunqobe.”
Ngokwedlulela kwezakhe kweyandulela eyamanqamu e-AFL, lo mqeqeshi ukuqonda kahle ukuhlela ngendlela izinto ngenxa yokuthothana kwemidlalo yezakhe ehlanganisa neyeligi.
“Sizama ngayo yonke indlela ukubhekana nomdlalo ngamunye ngoba siyakuqonda ukuthothana kwemidlalo esisazoyidlala. Kodwa sizama ngokusemandleni ukusiza abadlali bethu, ikakhulukazi endleleni abadlala ngayo.”
Omunye umdlalo wowandulela owamanqamu ngophakathi kweWydad Casablanca ne-ES Tunis khona kusasa ngo-8 ebusuku, eStade Mohamed V, eCasablanca, eMorocco.