KUQAQAMBA inhliziyo kuManuel "Tico Tico" Bucuane uma ebona iqembu lakhe elidala, iJomo Cosmos liya ngokushabalala ekubeni likhiqize inqwaba yabadlali bezinga eliphezulu.
Uma kukhulunywa ngezingwazi zeCosmos, igama lale nkakha yaseMozambique kalisali ngaphandle.
Ingabanye babadlali beZenkosi abadlale kuzo isikhathi eside.
UBucuane (49) wafika kuleli ngayo iJomo, ngo-1997, ephuma eqenjini langakubo, iDesportivo de Maputo.
Nakuba iCosmos beseyethwe igama elithi iyoyo ngenxa yokuhlale idliwa yizembe esigabeni esikhulu bese iphinda ibuya, kodwa uBucuane ubehlale ekhona phezu kokuba kwakunamaqembu amakhulu okwakuvela ukuthi ayamfuna.
Uke wadlala ePortugal nase-USA.
Ubekhona iCosmos inqoba izicoco ezifana neTelkom Knockout.
Namaqembu athathwa njengamakhulu abazi kahle ukuthi azothwala kanzima kuye uma edlala neZenkosi.
Uzishiye ngo-2010 ezishayele amagoli awu-88 emidlalweni ewu-209.
Sekungumlando ukuthi namuhla leli qembu likaJomo Sono selidliwe izembe laze layofika esigabeni sesithathu iSafa ABC Motsepe League. Selokhu ladliwa izembe esigabeni esikhulu ngo-2015-16, ngamaphuzu awu-20, aliphindanga labuya.
KwiMotsepe Foundation Championship ebese lihlale amasizini amahlanu kuyo ligawulwe imbazo ngeka-2020/21.
Bekwethwenjwa ukuthi lizobuya kwisizini ephezulu, nokho lihlulekile.
Emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship, iGauteng izomelwa iDondol Stars eqede inamaphuzu awu-80. EZenkosi zigcine zilele kweyesithathu ngamaphuzu awu-78.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noBucuane engakubo eMozambique, uthe nakuba kubuhlungu ukubona iCosmos idonsa kanzima kodwa kumele uSono azisole yena.
"Kubuhlungu ukubona iCosmos iya ngokushabalala. Ikhiqize inqwaba yabadlali bezinga eliphezulu eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele. Kubuhlungu kunjalo akukho esingakwenza, ohlaba eyakhe akakhuzwa. Ngisebenze isikhathi eside noSono, ngeke umtshele ngeqembu lakhe. Wenza akuthandayo ngesikhathi sakhe.
"Ibhola lishintsha zikhathi zonke. Lokho kukuphoqa ukuthi uhlale uhambisana nesikhathi. USono akafuni ukukwenza lokho," kubeka uBucuane oke wadlala nakwiSuperSport United ngaphansi kukaPitso "Jingles" Mosimane.
Uveze ukuthi usazihlalela ngakubo lapho enenkulisa ebizwa ngeTico Foot Academy. "Nakuba kukhona lapho engingashintsha khona ngendlela uSono enza ngayo kodwa ngifunde lukhulu kuye. Namanje uma ngiseNingizimu Afrika ngiyaxhumana naye. Nakuba sidonsa kanzima emalini kodwa kimi kusho lukhulu ukudlulisela ulwazi entsheni yangakithi," kuqhuba le nkakha eshayele iqembu lesizwe laseMozambique amagoli awu-30, emidlalweni ewu-94.
Ishiye kwiPremier Soccer League (PSL) ivalele phakathi awu-108.