OWAYEYISITOBHA seKaizer Chiefs, SuperSport United neBafana Bafana, uMorgan Gould, unyuselwe kwesokuqeqesha eqenjini elikhulu kwiSekhukhune United.
Lokhu kudalulwe yiyo iSekhukhune ngoLwesithathu ntambama ibika ukuthi uGould usezokuba yiphini lesibili likaBrandon Truter.
Elokuqala nguMacDonald Makhubedu.
UGould, owole izicoco neChiefs neSuperSport esengumdlali, uvele ubengumqeqeshi wesikwati seDStv Diski Challenge.
“Ngiyabonga ngaleli thuba lokuba yiphini lesibil nokuyigxathu elikhulu. Ngeneme kakhulu ngaleli thuba kodwa iDDC ingifundisile ukuthi kumele ube ngumuntu obaqondayo abantu ukuze ukwazi ukuthola umsoco kubo,” kusho uGould.
“Omunye wemigomo eninginikwe yona, wukulekelela ekufukulweni kwabadlali abaqhamuka ezinkulisa kanjalo nakwezinye izinhlaka zangaphandle ngenhloso yokukhulisa iSekhukhune njengeqembu.”
UGould ushiya iSekhukhune kwiDDC isendaweni ka-10 kwilog emuva kokunqoba imidlalo emine nokudlala ngokulingana kwemithathu kule sizini.
Akucaciswanga ukuthi inkontileka yakhe iyashintsha yini isikhathi sayo njengalokhu engafani awezinkulisa nawebhola elikhokhelayo.
Okunye iSekhukhune engakuqinisekisanga wukuthi sizovalwa ngba isikhala sakhe kwiDDC.
UGould udlale imidlalo engu-31 kwiBafana phakathi kuka-2007 no-2017.