UMDLALI wePretoria Callies, u-Oswin Appolis, akafuni ukuyikhulumela eziko eyokugaqelwa ngamaqembu eDStv Premiership.
U-Appolis (21), ozakhele igama kwiSuperSport United ayijoyine ngo-2019 esuka kwi-Ajax Cape Town, usayine kwiCallies edlala kwiMotsepe Foundation Championship ekuqaleni kwesizini ekade esejika nelanga ekhaya.
Udlalile eqenjini leDStv Diski Challenge leSuperSport ngaphansi komqeqeshi, uKwanele Kopo, ngaphambi kokwenyuselwa esikimini esikhulu kodwa wafika waphenduka ukudla kwebhentshi. ISuperSport imbolekise kwi-University of Pretoria, yagcina imdedelile. Ekuqaleni kwesizini u-Appolis, odle ngomjiko nejubane ezinhlangothini, ulandwe nguKopo esehlale izinyanga ekhaya engenalo iqembu.
KwiChampionship usephenduke omunye wabadlali abaphezulu. Kuvele ukuthi usefunwa ngamaqembu ahlukene okukhona kuwona awePremiership. Lokhu kuqinisekiswe yimenenja yeCallies, uPeter Koutroulis, noKopo.
U-Appolis uthe akakafuni ukuyikhuluma eyokufunwa ngamanye amaqembu.
"Okwamanje ngigxile kwiPretoria Callies. Okwenzekayo kuzokwenzeka. Angazi. Ngijabule lapha kwiCallies okwamanje. Uma iqembu linquma ukuthi ngibuyele kwiPremiership ngizokwamukela lokho. Kodwa okwamanje ngigxile kwiCallies kule midlalo esele ngaphambi kokuphela kwesizini," kusho u-Appolis.
U-Appolis ubekade eseqenjini lesizwe lika-Under 23 ebeliholwa ngumqeqeshi, uDavid Notoane, elihlulekile ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni, i-Africa Cup of Nations, eyibhuloho lokuwelela kuma-Olympics azoba seFrance ngoJulayi.
UKopo uthe lo mdlali unekhono eliyisimanga, ubengeke amlahle. Wathi okwenze wagcina echithwe yiSuperSport wukuthi isitayela sakhe sokudlala besingahambisani nesaleli qembu. Nokho yena uncamele ukushintsha indlela yokudlala ukuze ivumelane nesika-Appolis.
"U-Oswin asikwazi ukumlahlela ukuthi isitayela sethu asihambisani naye. Kufanele senze indlela yokudlala ezohambisana naye. Simdlalisa kwesokudla ngoba uyashesha futhi unejubane, uma engena ngaphakathi uyakhahlela. Kade ehlezi ekhaya izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuqala kwesizini. Ngimfonelile ngacela ukuthi asijoyine ngoba ngiyakholwa ukuthi unekhono okungafanele limosheke. Ngijabule ngendlela adlala ngayo kodwa usengenza okungaphezulu. Ngiyazi ukuthi usefunwa ngamaqembu athize ePremiership naweChampionship. Uma kukhona elibeka etafuleni okusijabulisayo, sizimisele ngokumdedela," kusho uKopo.