XOLILE MPISANE
UTHEMBISA ukuthi ngeke bamphazamise emsebenzini wakhe umqeqeshi omusha, uRomain Folz, umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu.
Lo mqeqeshi odabuka eFrance, uthathe izintambo ngeSonto, evala isikhala sikaBrandon Truter, oshiye isikhundla ngesonto eledlule iqembu ngexa yokuthi belingasayazi iwini.
UFolz (32) uqale isizini ecija iMarumo Gallants, ayilaxaze ngemuva kwemidlalo emihlanu ekhala ngokuthi kukhona abagxambukela emsebenzini wakhe.
"Silindele ukuthi iqembu lidle izicoco futhi linqobe imidlalo. Sinabadlali abangaphezu kuka-30 abaqeqeshi abangakhetha kubona. Okwabo wukuthi baqoke abadlali abazoya nabo ekhempini, abazoqala imidlalo nabazoba sebhentshini," kusho uZungu.
UFolz uzosizwa ngu-Ayanda Dlamini, oke wayibamba ekuqeqeshi Usuthu phambilini.
“Konke kulele kubona ngoba oSuthwini asiwuphazamisi umsebenzi wabaqeqeshi. Angizange ngigxambukele ngesikhathi u-Ayanda (Dlamini) epheka iqembu ekuqaleni. Angizange ngigxambukele kuBenni McCarthy noBrandon Truter, futhi ngeke ngikwenze kulo mqeqeshi.
"Konke kuzohamba ngezinhlelo zakhe futhi angifuni kube khona umuntu omphazamisayo, kuthi uma ehluleka abeke leso sizathu.
"Esikwaziyo ngoRomain okubhalwe emaphepheni, wukuthi ukuhamba kwakhe kwiMarumo Gallants kwadalwa ngabagxambukela emsebenzini wakhe. Kodwa ufike ekhaya manje ngoba asikwenzi lokho."
UZungu uthe umqeqeshi kabamqokanga ngoba bexakekile kodwa bamtomule enqwabeni yabaqeqeshi abebefake izicelo zomsebenzi.
"Uma ngingakubonisa iselula yami, nginezicelo ezivela kubaqeqeshi abangaphezu kuka-20. Kubona kubalwa abacija amanye amaqembu kuyona le ligi engingeke ngiwadalule amagama abo. Abanye abasebenzi, abanye baphesheya kwezilwandle bafuna ukuza ngapha, abanye bafuna ukubuyela ekhaya.
"Bekumele sithathe isinqumo esisheshayo futhi ngeke ngisho ukuthi kube yisinqumo esisicubungule kakhulu kodwa kwesinye isikhathi uma ungumholi kumele usheshe uphume nesinqumo esiqondile.
"Ngikholwa wukuthi ukungabaza kuyisici esibi. Uma ungumholi kumele uthathe izinqumo. Simtholile umuntu wethu futhi siyamthanda. Sikholwa wukuthi uzowenza umsebenzi."
Ephawula ngokuthi uzonikezwa amandla okuzithathela izinqumo oSuthwini, uFolz uthe kuyamjabulisa lokho kodwa inselelelo wukuletha imiphumelo elindelekile.
“Kumnandi ukuzwa umengameli ethembisa ukuthi uzokunika ithuba lokwenza umsebenzi wakho. Angifuni ukusho okuningi ngeqembu lami lakudala ngoba ngisazwana nenqwaba yabantu engibashiye khona," kusho uFolz.
"Ngizele ukuzokwenza umsebenzi wami, ngifeze lokho okulindeleke kimina naseqenjini. Konke kuzocaciswa yimiphumela esizoyikhiqiza. Uma ngenza kahle ngizohlala isikhathi eside, kodwa uma ngingenzi kahle kuzobheda."
Usuthu seluhlulwe emidlalweni emithathu yeDStv Premiership ilandelana, luguqiswa yiChippa United, Mamelodi Sundowns neRichard Bay. Umdlalo olandelayo weligi ungoLwesihlanu ngo-7:30 ebusuku, lapho luzotholana phezulu ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium.