KUBUKEKA lusazoqhubeka nokuba yinzukazikeyi udaba lwecala lwe-arbitration elisukela embangweni ophakathi kwe-Asande FC, neMilford FC, okungamaqembu adlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
Leli cala eselidonse isikhathi futhi obekulindeleke ukuba liphothulwe kuqulwa ngoLwesine eSafa House, eGoli, liphinde labhuntsha. Lokhu kuqinisekiswe nguKwenzakwakhe Ngwenya, usihlalo weSafa KwaZulu-Natal.
Emuva komdonsiswano obusuthathe isikhathi, zombili izinhlangothi (olweMilford nolwe-Asande) zigcine ziqoka umehluleli ozimele (arbitrator), u-Adv Romeo Nthambeleni, oyijaji laseNkantolo eNkulu.
Kufika kulesi sinqumo nje, i-Asande yayilahlwe yicala yikomidi eliqondisa izigwegwe leSafa esifundazweni, yashaya amakhala ngokulahlwa kwayo yicala yabe isinquma ukulidlulisa, yalushovela kumahluleli ozimele.
Empeleni, i-Asande yayitholwe inecala lokuduba umdlalo ngesikhathi ibhekene neMilfor, emdlalweni womzuliswano wesibili wesizini esanda kusongwa.
Isinqumo sekomidi eliqondisa izigwegwe sayishovela ehlathini (kwiSafa Regional League) njengoba yayivele iqede isizini ivika izembe kwiKZN Motsepe League Stream A.
UNgwenya obexineke emhlanganweni, ephendula umqhafazo abewuthunyelelwe yiSolezwe ngeSonto izolo, uthe: “Lihlehlile icala ngenxa yokuthi abe-Asande bathe abakakulungeli ukuqulwa kwalo. Ngakho-ke lizobuyela ngoLwesihlanu, khona eSafa House,” kushaya ngamafuphi uNgwenya ngomqhafazo.
Ethintwa yiphephandaba uTom Dlamini, oyimenenja yeMilford ukuthola umuzwa wakhe ngaleli cala, uzihlangulile wathi udaba akuselona olweqembu lakhe kodwa sekungolwe-Asande neSafa.
“Cha, icala akulona olweMilford, olwe-Asande neSafa, ngakho ngeke ngiphawule lutho. Kungakuhle uxhumane nayo iSafa, okuyiyona ephendula ngqo ngalolu daba kwabezindaba,” kuphendula lesi sikhulu.
Umdonsiswano ubukeka uzobambezela izinhlelo zeSafa zokuhlela imidlalo kazwelonke yamaPlay-Off eMotsepe League. Phela, ezinye ezifundazwe sezimi ngomumo ngamaqembu azozimela kule midlalo.
Ngaphandle kweKZN esenezinkinga zamacala angakaphothulwa, ezinye izifundazwe ezisabhekene nenkinga efanayo, yiFree State neLimpopo.
IMilford eqede isizini ihlezi phezulu kwi-log kaStream A yeSafa KZN ABC Motsepe League kufanele ngabe isidlalile noMsinga United eqede iqhwakele kuStream B, kumaPlay-Off esifundazwe okuhlunga iqembu elizomela iKwaZulu-Natal kumaPlay-Off kazwelonke eMotseoe League okuhlunga amaqembu azokhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship (First Division).
Amaqembu e-ABC Motsepe League asemi ngomumo, yilawa: Dondol Stars (Gauteng); Mlambo Royal Cubs (Mpumalanga); Orbit College (North West); Amavarara (Eastern Cape); Upington City (Northern Cape) neYoung Bafana (Western Cape).