BRENTFORD V ASTON VILLA
Gtech Community Stadium, ngeSonto ngo-4pm
NAKUBA ekhona amaqembu akwazi ukuhlula ompetha be-English Premier League, iManchester City kodwa okwenziwe yi-Aston Villa muva nje kushiye nongqondongqondo, owuPep Guardiola, enwaya ikhanda.
I-Villa ephekwa wumkhaya kaGuardiola abadabuka naye eSpain, u-Unai Emery, ayigcinanga ngokwethula iMan City emthini kepha idlulise izinsuku ezine yalandelisa ngokufaka induku iqembu ebeliqhwakele, i-Arsenal.
Iwini yeVilla kwi-Arsenal ngempelasonto, bekungeka-15 kulandelana ekhaya, okubeka leli qembu endaweni yesithathu kwi-log lapho lisele khona ngamaphuzu amabili kwiLiverpool FC eqhwakele.
Nangokuhlohlwa kwamagoli kusukela isizini iqalile, iVilla ibalwa naphambili kwazise inethi isiyibhakuzise amahlandla awu-35 emidlalweni engu-16.
I-Man City elele endaweni yesine kwi-log, yiyona ezihola phambili ngamagoli angu-38 kulandele iLiverpool enawu-36.
Yize imidlalo yeligi isengu-16 kodwa ifomu yalo mshini ka-Emery, iqale ngo-Okthoba nyakenye ukugaya, ngesikhathi kuqashwa lo mqeqeshi oke wasebenza e-England kodwa wabuye waphelelwa wumsebenzi kwi-Arsenal.
Ubefike kuyona esuka kwiParis Saint Germain (PSG) yaseFrance abeyijoyine esuka kwiSevilla yangakubo ake waqoqa ngayo izicoco ze-Uefa Europa League amahlandla amathathu kulandelana, kusukela ngo-2014 kuya ku-2016.
Kusukela kufike u-Emery kwiVilla, iMan City yilona kuphela iqembu elinamawini amaningi kunayo okuyenza ingazibeki embangweni wescoco.
Okwenziwe yiLeicester ngo-2016 inqoba isicoco seligi kade ingathishiwe, kwenza abaningi bayibuke ngelinye iso iVilla njengoba ilokhu iqhubekile nokugila izimanga.
Akadlile ngengevu lo mqeqeshi, ngaphandle kokuyaluza ebhentshini umdlalo uqala kuze kube uyaphela. Abadlali bakhe bamchaza njengomqeqeshi okholelwa ekucubunguleni amavidiyo ezitha.
Bathi uze aphenduke ingane uma ebuka nabadlali bakhe la mavidiyo kwazise kusuke kucaca lapho kufanele basixine ngakhona isitha. Ubuthaka besitha bumenza aphile lo mqeqeshi, ngokusho kwabadlali bakhe.
Usaziba kodwa uma ebuzwa ngesicoco, phezu kokuba kusobala ukuthi iqembu lakhe lisembangweni futhi alikhombisi izimpawu zokwehlisa umgqigqo.
“Okujabulisayo wukuthi iqembu lenza kahle nabadlali bazinikele ngendlela encomekayo. Sidlala kahle kodwa sonke siyazi ukuthi singenza kangcono kunalokhu esikwenzayo,” kusho u-Emery kwi-website yeVilla muva nje.
“Mihle imiphumela futhi iyasikhuthaza kodwa besingakafiki ekucabangeni ngesicoco ngoba isizini iseyinde kanti namaqembu ajwayele ukubanga isicoco ayaziwa ukuthi anamandla angakanani,” kusho yena.
Zonke lezi zimanga u-Emery uzigila ngabadlali abafice eqenjini kade beqoqwe nguSteven Gerrard, okunguyena oshenxile kwangena lo mqeqeshi waseSpain eVilla Park.
Muva nje, iVilla yengeze ngoPau Torres noYouri Tielemans, kuphela esikwatini sikaGerrard.
U-Ole Watkins, Leon Bailey, Ezri Konsa, John McGinn noDouglas Luiz, bonke babonakala beyizinongo ezinconsisa amathe ebhodweni eliphekwa ngu-Emery.
Imidlalo ye-EPL:
NgoLwesihlanu - 10pm: Nottingham Forest v Tottenham Hotspurs.
NgoMgqibelo - 5pm: Bournemouth v Luton Town; Chelsea v Sheffield; Man City v Crystal Palace; Newcastle v Fulham; Burnley v Everton.
NgeSonto - 4pm: West Ham v Wolves; Arsenal v Brighton.
Ngo-6.30pm: Liverpool v Man United.