KWEHLE umthwalo emahlombe kwiRichards Bay FC iqeda isikhwakhwalala sezinyanga eziyisikhombisa sokungawini inqoba umdlalo wayo wokuqala ishaya iMoroka Swallows ngo 1-0 koweDStv Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
IRichards Bay eyayigcine ukunqoba umdlalo kwiPremiership ngoJanuwari wangesizini edlule, ikhombise zibekwa nje ukuthi ibizimisele ngokubuya namaphuzu kulo mdlalo, njengoba ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu, ihlasela.
Empeleni bekufanele ngabe ziye ekhefini iRichards Bay ihamba phambili, ukuba uSanele Barns akagejanga uqekelele kahlaba udle webhola ebeliphunyuke ngunozinti weSwallows uDaniel Akpeyi oshiswe yibhola likaJustice Figuareido ngomzuzu ka-43.
Nangesiwombe sesibili iRichards Bay iqhubekile nokuba yiqembu elingcono kakhulu uma kuhlaselwa yize iSwallows ibisikhombisa uzinzo esiswini emuva kokungena kwenjini yasesiswini, u-Andile Jali ongene endaweni kaKagiso Malinga.
Ukuqhubeka nokuhlasela kweRichards Bay kugcine kuthele izithelo ngenkathi uFiguareido obeyiphela endlebeni ezitobheni zeSwallows kulo mdlalo evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-55 emuva kwebhola ebeligotshwe nguBarns.
Ngemuva kokungenelwa yileli goli iSwallows ikhombise ukuvuka emaqandeni, kodwa yehluleka ukuthola igoli, kwale ngisho nangomzuzu ka-83 uGabadinho Mhango ehluleka ukuqedela ibhola ebelichithwe wunozinti weRichards Bay uSalim Magoola, lashaya ipali kade lishaywe wuKeenan Phillips
UYanela Mbuthuma weRichards Bay obesuka ebhentshini naye ucishe wazitholela igoli kulo mdlalo ngenkathi ibhola lakhe lishaya ipali kade elibekelwe wuFiguareido, ogcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Ukunqoba kweRich Boyz, lo mdlalo kusho ukwehla kwengcindezi kumqeqeshi uKaitano Tembo, obenqoba umdlalo wakhe wokuqala kuleli eselihlulwe imidlalo emithathu kule sizini.
Kanti ngakolunye uhlangothi ukwehlulwa kweZinyoni zikaSteve Komphela kusho ukuphazamiseka komgqigqo wazo wokunqoba imidlalo emibili ilandelana ngaphambi kwekhefu leFifa.