UZOSHIYANA ukwenza enkabeni yenkundla emdlalweni wamanqamu we-MTN 8 phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-6 ntambama.
Emdlalweni wamanqamu walolu hlobo, kuhlale kunombango kuzo zona zonke izindawo enkundleni, okubalwa abadlali basesiswini, abagadli nezitobha.
Kulo mdlalo kubhekwe impi yasesiswini kubadlali abanjengoMonnapule Saleng noThabang Monare kwiPirates, uTebogo Mokoena noMarcelo Allende beMamelodi Sundowns.
Empini yabagadli nezitobha ibhekwe kumgadli weSundowns, uPeter Shalulile noTapelo Xoki oyisitobha sePirates, nomgadli wePirates, uZakhele Lepasa noMothobi Mvala oyisitobha seSundowns.
“Kuzoshiyana ukwenza enkabeni yenkundla, ngoba iSundowns inamandla esiswini, ngakho iPirates kuzomele ngayo yonke indlela ikugweme ukwenza amaphutha, bese idlala ibhola layo lokushesha, uma yenze njalo izokwazi ukuyigoba iSundowns,” kusho u-Arendse.
“Emdlalweni onjengalona kungaba kuhle iPirates idlalise umdlali onjengoMakhaula (Makhehleni), ukuqinisa impi enkabeni yenkundla.
Kodwa-ke iSundowns inamandla kakhulu esiswini. Ngeke kube lula neze ukuyigoba ngoba uma abadlali bayo sebephethe ibhola enkabeni yenkundla abaziniki izitha ithuba lokuphefumula, ngakho kuzoshiyana ukwenza ngempela,” kusho uDladla.
Emdlalweni owandulela owamanqamu we-MTN 8 ngesizini edlule phakathi kweSundowns nePirates, impi yasesiswini eyayiphakathi kukaSaleng no-Andile Jali, yanqotshwa nguSaleng owayevutha bhe kulowo mdlalo, washiya uJali eshaye amankeyane, kwaba yindaba egudwini nehlaya ezinkundleni zokuxhumana.
Ukungabi sefomini kukaSaleng, owagila amaSandawane ngesizini edlule, kubukeka kungase kunike ithuba umdlali onjengoPatrick Maswanganyi lokukhipha amangwevu kulo mdlalo, avelele.