MANCHESTER UNITED v LIVERPOOL
E-Old Trafford, ngo-5pm
I-MANCHESTER United yize ingayiqalanga kahle le sizini uma kuqhathaniswa nezimbangi zayo iLiverpool eziyiqale ngonyawo oluhle, kodwa ukubhekana kwalezi zingqungqulu kuhlale kuthatha amehlo eningi labathandi bebhola abalandela imidlalo ye-English Premier League ngezizathu ezahlukene.
Lezi zinkunzi zizodudulana e-Old Trafford, kusasa ngo-5 ntambama. Lo mdlalo ungowesithathu kuwona womabili la maqembu kule sizini ka-2024/25.
IMan United iza kulo mdlalo wasekhaya ibuya esibhaxwini sika 2-1 esithole kwi-Brighton & Hove Albion emdlalweni wesibili njengoba kowokuqala inqobe ngo 1-0 kwi-Fulham.
ILiverpool izongena enkundleni ishayela phezulu njengoba isiyinqobe yomibili imidlalo yokuvula isizini. Ishaye i-Ipswich Town ngo 2-0, yalandela ngomunye u 2-0 ethele othulini ngawo i-Brentford ngeledlule.
Kuyona yomibili le midlalo uMohamed Salah noDiogo Jota bakhombise ukuba sefomini enhle yokubhakuzisa inethi njengoba bebuye namagoli amabili, baba nesandla kwamanye.
Ngakho uSalah noJota kubhekeke ukuba baqhubeke nefomu.
Ngakolunye uhlangothi, iMan United kubhekeke ukuba ivuke izithathe, yenze nezinguquko kulo mdlalo wayo neLiverpool, ikakhulukazi ngasohlangothini lokuhlasela.
Kule midlalo emibili yakamuva i-United ibihlasela ngabadlali abane okunguBruno Fernandes, uMason Mount, uMarcus Rashford, no-Amad Diallo oshaye igoli behlulwa yi-Brighton ngeledlule.
Ngokusho kukaDarren Bent owayengumgadli we-United eminyakeni edlule, kuzofanele uRashford aphunyuzwe kulo mdlalo, kuqale u-Alejandro Garnacho osadlale imidlalo emibili ye-United esuka ebhentshini.
“UGarnacho kufanele awuqale umdlalo. Uma kuwukuthi kufanele uMarcus Rashford ahlale ebhentshini, akube njalo. UGarnacho kufanele awuqale umdlalo. Ngokwami kungakuhle kuqale uGarnacho, uDiallo noZirkzee phambili. U-Erik ten Hag usemvikele kakhulu uRashford, emnika ithuba kodwa kuze kube manje akenzi kahle,” kusho uBent, ecashunwa yi-talkSport.
Ngaphandle kokubhekwa ngabomvu kwalo mdlalo weRed Devils ne-The Reds ngenxa yomlando wawo, okunye okuhehayo wukuthi bazobe bebhekene okokuqala kwi-Premiership abaqeqeshi bawo, abangomkhaya baseNertherlands, uTen Hag no-Arne Slot.
UTen Hag yisizini yakhe yesithathu eqeqesha iRed Devils asezuze nayo izicoco ezimbili, okungeseFA Cup nese-EFL Cup.
USlot yisizini yakhe yokuqala kwi-Premier League njengoba ejoyine lezi zingqungqulu zase-England ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwi-Feyenoord yase-Nertherlands. Ungene esikhundleni sikaJurgen Klopp ozuzele leli qembu okuningi eminyakeni embalwa edlule.
Ngakho kubukeka zizoshiyana ngomshefezo ngamaqhinga kulaba baqeqeshi abangabakhaya.
Imidlalo ye-English Premier League ngeSonto:
Ngo-2.30pm: Chelsea v Crystal Palace; Newcastle United v Tottenham Hotspur
Ngo-5pm: Manchester United v Liverpool