Uganda (0)0
South Africa (0)2
Kuye ngamagama enkehli iBafana Bafana ijuqa i-Uganda emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ekubeni isivele izibekisele indawo eMorocco.
Amagoli eBafana ashaywe nguThapelo Morena noPatrick Maswanganyi kulo mdlalo obuseNelson Mandela National Stadium, eKampala, ngoLwesihlanu ntambama.
Ngokuqoqa amaphuzu amathathu eKampala, iBafana isihlezi esicongweni se-log kaGroup K ngamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyisihlanu. I-Uganda seyehlele endaweni yesibili ngamaphuzu ayishumi. La maqembu angene enkundleni sekuqinisekisiwe ukuthi asengenile kwi-Afcon. Lokhu kungenxa yokuthi iSouth Sudan iqede amathemba eCongo Brazzaville iyixebula ngo 3-2 ngoLwesine. ICongo, esendaweni yesithathu kwi-log kaGroup K, ibisenalo ithuba lokwedlula ngamaphuzu iBafana ngaphambi kokwehlulwa yiSouth Sudan ebingakaze iwine nowokubika umdlalo kuleli qoqo.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubekubeke kwacaca ukuthi bazodlalela ukuwina e-Uganda phezu kokuba sebekuzuzile abebezibekele khona okuwukuthola ithikithi lokuya kwi-Afcon ka-2025.
Lokhu kusheshe kwacaca enkundleni ngendlela iBafana eqale ngawo umdlalo. Abafana bakaBroos basheshe bazinza emdlalweni, bayihlasela i-Uganda. Nokho bebenzelwa phansi yindlela abebexhumana ngayo uma sebefike phambili. Akukho okungakho obekukhathaza unozinti we-Uganda, u-Ismail Watenga, ovimbela iLamontville Golden Arrows eNingizimu Afrika. Bekungesifanayo koweBafana, uRonwen Williams, obezicoshela amabhola agingqikayo.
Esiwombeni sesibili, iBafana ibuye yaqhubeka nokuhlasela. Isheshile ukuvuna izithelo ngesikhathi uMorena, obengene endaweni ka-Elias Mokwana ngesikhathi sekhefu, eyishayela igoli ngemuva kwephutha elenziwe ngabadlali basemuva be-Uganda. Nakuba emuva kwaleli goli i-Uganda izamile ukwenyusa igiya kodwa udonga lwasemuva lweBafana belungafuni lutho. Ngomzuzu ka-89, uMaswanganyi ushayele iNingizimu Afrika igoli lesibili emuva kwebhola ebelivela ku-Iqraam Rayners alibambe ngobunyoninco waphenduka ebhokisini.
Emdlalweni wokugcina wamaqoqo, iBafana izokwamukela iSouth Sudan eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili ngo-6 ntambama.