ABANGANI nezihlobo bazophenduka izitha kusihlwa uma sekuqala umdlalo wama-quarter-final kuma-European Championships phakathi kweNetherlands neTürkiye.
Kulo mdlalo, ozoqala ngo-9 e-Olympiastadion eBerlin, kuzobe kukhona abadlali beTürkiye abazobe bebhekene nezwe abazalelwa kulona.
UFerdi Kadioglu (24) wazalelwa e-Arnhem, eNetherlands, kodwa uyise ungowaseTürkiye. Wawadlalela amaqembu esizwe abasakhula eNetherlands ngaphambi kokuthatha isinqumo sokumela izwe likayise.
"Kuzoba wumdlalo okhetheke kakhulu kimina uma sesibhekene neNetherlands. Ukudlala umqhudelwano wami wokuqala neTurkey futhi siifinyelele kuma-quarter-final kusho lukhulu. Iqembu lizimiselile, lalwa kakhulu ngakho-ke siyajabula. Kusho uKadioglu exoxa nesiteshi sethelevishini saseNetherlands, iNOS TV.
"INetherlands kumele igawule ibheke. Sikhande inqwaba yamathuba emdlalweni wethu odlule futhi sivale kahle emuva. Womabili la mazwe ngiyawathanda. Ngangiweseka womabili emiqhudelwaneni emikhulu kodwa kwadingeka ukuthi ngikhethe ekugcineni, ngakhetha iTürkiye. Ngacabangisisa ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaphinde ngaxoxa nabantu abasondelene nami.”
Yize kulindeleke ukuthi uKadioglu akhathule indima enkulu emdlalweni wakusihlwa, lokho ngeke kwenzeke ku-Orkun Kokcu naye owazalelwa eNetherlands. Lo mdlali ngeke angene enkundleni kusihlwa kwazise umisiwe ngenxa yokuthola ikhadi eliphuzi ngesikhathi benqoba i-Austria ngo 2-1 kwi-Last 16.
"Kuyadumaza kakhulu ukuthi ngeke ngikwazi ukudlala. Kuyangijabulisa ukuthi sikwi-quarter-final futhi nginethemba lokuthi ozakwethu bazokwenza ezibukwayo uma sebebhekene neNetherlands," kusho uKokcu owazalelwa eHaarlem.
UKokcu wayekhona ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana ngo-2021, kwanqoba iNetherlands ngo 6-1.
I-Orange izongena kulo mdlalo isikudlulisile ukuthi yashaywa yi-Austria kowokugcina wamaqoqo njengoba idlale kahle kwi-Last 16 ixebula iRomania ngo 3-0.