Ukuthatha isinqumo sokuhlala kukaXabi Alonso kwesokuqeqesha iBayer Leverkusen phezu kokuba ebesephenduke inyama kwamanye amaqembu ahlonishwayo ase-Europe, izingqapheli zebhola zikuthatha njengesinqumo esiphusile nesikhombisa isibindi sokuqhubeka nomsebenzi abesewuqalile kuleli qembu eliqophe umlando ngesizini edlule kwiGerman Bundesliga.
U-Alonso (42), odabuka eSpain, uqophe umlando neBayer Leverkusen eyinqobisa okokuqala emlandweni wayo isicoco seGerman Bundesliga iqeda ukukhonya kwamasizini angu-11 kweBayern Munich.
Leli qembu aligcinanga ngokuphakamisa okokuqala isicoco seBundesliga, kodwa ngaphansi kwalo mqeqeshi liphinde laqopha omunye umlando ngokunqoba isicoco seligi yeBundesliga lingahlulwanga isizini yonke.
ILeverkusen ephinde yanqoba nendebe yomkhumulajezi i-DFB-Pokal, kwale kancane iphakamise indebe yesithathu iguqiswa yi-Atalanta yase-Italy ngo 3-0 kowamanqamu we-Uefa Europa League.
U-Alonso wenza ezibukwayo kuleli qembu laseGerman nje, bekuyisizini yakhe yesibili eliqeqesha kulandela ukuthatha izintambo zokuliqeqesha maphakathi nesizini ka-2022/23, elithola livika izembe, kodwa walithatha walibeka endaweni yesithupha kwi-log.
Ngakho ukwenza ezibukwayo kwalo mqeqeshi elinqobela izicoco ezimbili ngesizini ephelile ephinde elibekisela indawo kwi-Uefa Champions League yangesizini ezayo, yikho kanye okumenze waphenduka inyama emaqenjini okubalwa kuwona iBayern Munich, Liverpool neReal Madrid.
Nokho u-Alonso wathatha isinqumo sokuhlala kuleli qembu laseGermany, aqhubeke nomsebenzi abesewuqalile.
“Ngizamile ukuhlonipha wonke umuntu, ngathatha izinqumo zami engikholwa wukuthi zifanele, okuwukuhlala kuleli qembu ngiqhubeke nokulithuthukisa,” washo kanje u-Alonso ecashunwa yiSky Sports News ngemuva kokuqinisekisa kwakhe ukuhlala kwiLeverkusen ngaphambi kokuphela kwesizini.
“Bekungokokuqala ngiqeda isizini njengomqeqeshi eqenjini elidlala esigabeni esikhulu njengeBundesliga, ngakho ngicabanga ukuthi ngisenaso isikhathi sokuzama izinto ezintsha, ngikhule ekuqeqesheni.
Njengamanje ngibona kufanele ukuba ngihlale lapha (kwiLeverkusen), ngijabule kakhulu ukuba kuleli qembu. Abalandeli bayaleseka kakhulu iqembu, nabadlali bahle.”
Ukuhlala kuka-Alonso kwiLeverkusen kumphonsela inselelo yokuthi ngesizini ezayo ka-2024/25 akhombise ukuthi impumelelo yakhe yangesizini edlule akubanga kuthi ucilo ubezishaya endukwini.
Kumphonsela nenselelo yokuphinda afake ukushisa ezimbangini zakhe, iBayern Munich aziphuce isicoco seBundesliga zagcina ziqede isizini edlule endaweni yesithathu, neStuttgart eqede endaweni yesibilI, ngokulwela ukuvikela isicoco seBundesliga.
Ngaphandle kwalokho, kubhekwe ukuthi aqinise isikwati ngabadlali abanohlonze ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo, njengoba ngesizini edlule akwazi ukuthola abadlali abanohlonze okubalwa kubo uGranit Xhaka, Jonas Hofman no-Alejandro Grimaldo, ukuze iqembu lakhe likwazi ukuzibamba ziqine kwiChampions League.
UMark Donaldson we-ESPN, ongomunye wabahlaziyi bebhola abahlonishwayo, uthe: “U-Alonso uthathe isinqumo esiphusile ngokuthi ahlale kwiLeverkusen, ngoba kubalulekile ukuthi azinze kuleli qembu, aphinde alwele izicoco futhi nangesizini ezayo.
Wenze kahle ngesizini yakhe yokuqala eqenjini ebelinganqobi zicoco. Ngakho kufanele azinze ngokwanele njengomqeqeshi, ngaphambi kokuba ajahe ukuyoqeqesha emaqenjini anjengoLiverpool noReal Madrid.
Kakade ungumuntu okholelwa ekunqobeni kusukela esengumdlali koLiverpool, Real Madrid noBayern Munich, lapho anqoba khona izicoco zo-Uefa Champions League neBundesliga, nokuyinto ayigcizelelayo ayitshala ezingqondweni zabadlali bakhe.”