UKUPHENDUKA ithofi leStellenbosch FC sekuqala ukuba yisinengiso kumqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler.
Lokhu kushiwo uyena uTinkler oshayela umkhumbi wamaCitizens asembangweni wokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
Kusukela uTinkler ebuyele okwesibili kuleli qembu laseKapa, sekudlule imidlalo eyisikhombisa iqembu lakhe lihluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele uma libhekene neStellies.
Kube igoli likaDevin Titus, elimshiye enengekile kulokhu uTinkler ngoLwesibili.
Ngenxa yalokhu kucasuka, uTinkler uze wakhomba nabadlali bakhe abathile ngokubuswa ukuthi basebancane ekubeni sebenesikhathi besebholeni elikhokhelayo.
Okunye okwenze kwalumela kuTinkler ukuphindwa iStellies ukuthi bekugudluza amaCitizens emhlane weMamelodi Sundowns esicongweni.
Ngokwezinkulumo zakhe, usewubheke ngabomvu abazowudlala ekuhambeni neRoyal AM ngeSonto ngo-6 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Okokuqala okufanele kwenzeke ukuze singeke siqhele kakhulu kwiSundowns ukuthi, abadlali abafike bebancane eqenjini bakuqonde ukuthi selibheke ukutakulwa ibona (iqembu) ezimweni ezinzima,” kusho uTinkler esithangamini nabezindaba eKapa.
“Ukuphenduka ukudla kweStellies sekuqala ukungima emphinjeni ngoba akukhona ukuthi kukhona indlela eyisipesheli yokudlala abasishaya ngayo ngaphandle kokuma emuva bese besizuma ngejubane.
“Kuyacika lokhu uma kwenzeka ngoba into osuke uyikhulumile waphinde wasebenzela kuyona nabadlali ngesikhathi niwuhlelela umdlalo.
“Akukhona ukuthi bayazi ukuthi silula ngakuphi ngaphandle kokwazi ukuthi balisebenzise nini ijubane noma cha emuva kokuma emuva,” kuqhuba lo mqeqeshi sakunengeka.
UTinkler uxwayise abadlali bakhe ikakhulukazi laba asebenesikhahti eqenjini yize iminyaka isakhomba ukuthi basebancane.
“Kunabadlali abafike bebancane kodwa sebehlale ngokwanele esigabeni esikhulu ukuthi kufanele ngabe seluqinile ukhakhayi kubona futhi sekuyibona abahola iqembu kodwa bacashe ngeminyaka.
“Kulungile nokho ngoba nokukhala ngeke kusasiza kepha kufanele sibhukule sibheke ukulungisa amaphutha kolandelayo ekuhambeni.
“Angifuni ngempela ukuthi silidedele igunya lokuba iqembu elilandela iSundowns esicongweni ngoba siyazi sonke ukuthi lokhu kuza nani,” kuphetha uTinkler.