KUVELA ukuthi uHappy Jele angase akhuze ibuya kwi-Orlando Pirates ahlukane nayo ekupheleni kwesizini edlule, esehlale kuyo iminyaka ewu-16.
Ngemuva kwesikhathi eside kungacaci ngekusasa likaJele kunobhutshuzwayo, imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, itshele Isolezwe ukuthi maduze, lesi sitobha singase siphinde simenyezelwe njengomunye wabasebenzi beZimnyama.
Nokho uMahlakgane ukubeke kwacaca ukuthi uma lokhu kugcina ngokwenzeka ngeke esaba umdlali kuleli qembu abe ukaputeni kulo isikhathi eside.
"Engingakuqinisekisa ukuthi izingxoxo zokuthi uJele abuyele kwiPirates ziqale phansi. Nokho kulokhu ngeke abuyele ukuzodlala. Lolu daba lusakhulunywa emazingeni aphezulu, ngeke ngikwazi ukusho ukuthi uzonikwa muphi umsebenzi," kubeka uMahlakgane.
Ebuzwa ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthi uJele (36) usewagaxe emgibeni yini amakhokho, uthe konke kuzocaca maduze.
Kuthintwa uFloyd Mbhele oyisikhulu esiphezulu kweZimnyama ngezinhlelo zokubuyiswa kukaJele, uvele wafa insini, wathi: "Nina bantu bamaphepha niyahlupha. Engingakusho ukuthi anginayo impendulo yombuzo wakho. Thina okusijabulisayo ukuthi izinto zihamba kahle eqenjini. Nasemdlalweni odlule sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu. Sikholelwa ekutheni nalapho kungakaqondi kahle khona, ngokuhamba kwesikhathi, kuzogcina kuqondile.“
Ngesikhathi uJele ehlukana nePirates nyakenye, iqembu naye umdlali bakuveza ukuthi ushiya ngoba esazimisele ngokudlala. Kwavela ukuthi iqembu belifuna ukumgcina kodwa hhayi njengomdlali. Kusukela lapho uJele akaza alithole iqembu azolidlalela.
Ngaphambi kwalesi sehlukaniso kumasizini cishe amathathu, ibilokhu yelulwa ngonyaka inkontileka yakhe eqenjini.
Kwisizini ka-2021/22 agcine kuyo ukugqoka imibala yePirates, udlale ewu-33 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amathathu.
Eminyakeni ewu-16, uJele ayihlale kweZimnyama phakathi kwezicoco azinqobe ezeligi ezimbili ngo-2010-11 nango-2011-12. Ezinye ezimbili zeNedbank Cup (2011, 2014), eseTelkom Knockout (2011) nezintathu zeMTN8 (2011, 2020, 2022).
Ngasekupheleni konyaka odlule, uJele ungomunye wabebenza izifundo zokuqeqesha zikaCaf C Licence ngaphansi kukaSafa Ekurhuleni.