KUVELA ukuthi sekunoqhekeko kubadlali beMoroka Swallows okuvela ukuthi kunabangaholile ekubeni abanye sebewutholile umholo kaNovemba abebekweletwa wona.
Izindaba zokungawuholeli uNovemba kwabadlali baleli qembu ziqale ukuvele emasontweni edlule.
Lokhu kuholele ekutheni bahlangane bathathe isinqumo sokungalubhadi ejimini.
Ngemuva komdlalo weDStv Premiership, iSwallows eshaywe kuwo iSuperSport United ngo 2-1 ngoLwesihlanu olwedlule, umqeqeshi wayo, uSteve Komphela, ucashunwe eziqinisekisa lezi zindaba.
Uze waveza kuthi baye kulo mdlalo bangajimanga izinsuku ezilishumi.
"Ngiyazama ukuqhamuka nesixazululo sale nkinga. Uma ngithanda bengingasithatha isinqumo sokuzihlangula. Kulezi zinsuku ezilishumi bengenza isiqiniseko sokuthi u-8 noma u-8.30 ungishayela ejimini. Ungabuza umndeni wami, alukho usuku engike ngaluphutha emsebenzini. Umangalile umndeni wami uma uzwa ukuthi bengiya emsebenzini nakuba besingajimi. Ngiyawuthanda umsebenzi wami, ngiwenza ngokuzimisela," ucashunwe esho kanje lo mqeqeshi.
Leli phephandaba lithole ukuthi sekukhona ukubukana kabi phakathi kwabadlali abanegama nalabo abangaziwa kangako. Ngokusho komthombo lokhu kudalwe ukuthi izikhulu zeqembu ziqome ukukhokhela abanegama bashiywa kanjalo abanye.
"Isimo asisihle neze kwiSwallows. Kukhokhelwe laba abanamagama base beshiywa kanjalo abanye. Laba abangaholanga bazibona bengelutho. Ngenxa yokuthi bakhokheliwe abadlali abadala, laba abangaholile bazibona bephoqelekile ukuya ejimini. Basabela ukuthi uma bengayi izikhulu zizophuma nabo iqhubu. Balokhu bethenjiswa into engayi ndawo.
“Kuyabonakala ukuthi sekunoqhekeko phakathi kwabadlali. Abangaholile bazihlalela bodwa eceleni. Izikhulu kumele zisheshe ziyilungise le nkinga ngoba phela nabo laba badlali abadala abadlali bodwa. Basizana nabanye," kubeka umthombo.
Uqhubeke nokuveza ukuthi nomholo ka-Okthoba abadlali baze bawuthola maphakathi noNovemba.
Kakuqali ukuvela kwenkinga yenkece kwiZinyoni. Selokhu zibuyelile esigabeni esikhulu zihlaselwe ile nkinga. Maphakathi nesizini edlule le nkinga ibhoke ngamandla. Kwaze kwavela nemibiko yokuthi abadlali bahlela sona isiteleka.
Ngasekupheleni kwayo kwabuye kwaqhamuka imibiko ethi le nkinga iphelile. Kunabaxhasi abafike netshe le mali.
Akuphelanga sikhathi esingakanani kwavela abanye abaxhasi, iDrip okuyinkampani yezimpahla zokudlala.
Emdlalweni weSuperSport, iSwallows beyishaywa okwesithathu kulandelana. Isendaweni yesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-18. Emidlalweni ewu-13 isanqobe yaphinde yadliwa kwemihlanu. Idlale ngokulingana kwemithathu. NgoMgqibelo ilibhekisa eHarry Gwala Stadium ukuyodlala neRoyal AM.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lweSwallows. UDavid Mogashoa ongisihlalo noSipho Xulu oyiCEO abayiphendulanga nemiyalezo abathunyelelwe yona. Kube ngesifanayo nakuNhlanhla Tshabalala weSouth African Football Players Union (Safpu).