KULINDELEKE ukuthi kuleli sonto AmaZulu FC amemezele umqeqeshi omusha njengoba kuvela ukuthi asemtholile ozovala isikhathi sikaPablo Franco Martin oxoshwe ngesonto eledlule.
Ngokuthola kweSolezwe igama likaClinton Larsen lihamba phambili kulawo abhekwa abaphathi boSuthu ukuzothatha izintambo kuleli qembu elingakanqobi nomdlalo owodwa kwemithathu ye-Betway Premiership.
UMartin ofike kuMaZulu ekuqaleni kwesizini edlule, uhlulekile wukuwafaka kwiTop kanti le sizini uyiqale ngonyawo oluphansi kakhulu beshaywa iPolokwane City, Kaizer Chiefs neMarumo Gallants.
ULarsen okuvela igama lakhe uqeqesha iMagesi ayinqobise iMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, yakhuphukela kwiPremiership. Emidlalweni emithathu esigabeni esikhulu usahlulwe emibili, wadlala owodwa ngokulingana, wanqoba owodwa.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kuMaZulu, uLarsen uzolekelelwa uVusumuzi "Kanu" Vilakazi oqeqesha iqembu loSuthu leDStv Diski Challenge (DDC).
Ezinsukwini ezedlule, kuke kwavela ukuthi isikhudla sikaCijimpi singase sivalwe uBenni McCarthy owake waliqeqesha leli qembu phambilini. Usanda kuchithwa yiManchester United yase-England.
Elinye igama elivelile elikaStuart Baxter. Yena uke waqeqesha iKaizer Chiefs kumasizini edlule. Umthombo ukuqinisekisile ukuthi uMcCarthy ungomunye wabaqeqeshi abake bafika emcabangweni woSuthu kodwa kodwa kwasho ukuthi naye (uMcCarthy) ubesabambeke ezintweni ezithile.
Uthe ekaBaxter abakaze bayicabange nakancane.
“Maduze uLarsen uzokwethulwa ngokusemthethweni njengomqeqeshi waMaZulu. Konke sekuqediwe. Uyena okuvunyelwane ngokuthi uzoletha ushintsho. Okuhle ngaye ukuthi uyalwazi usiko loSuthu, ingane yaseKZN. Uma konke kuhambe kahle kumele umsebenzi awuqale kungekudala. Usuthu lwenzwe ucwaningo olubanzi ngaye, uwumqeqeshi wezinga eliphezulu," kusho umthombo.
Uqhube wathi: “Iqembu lizobona ukuthi isikhala sakhe sivalwa ubani. Kwazi bani, mhlawumbe, uNini ( Siboniso Vilakazi) uyena ozokwehlikela akwiDDC.
Kuthintwa umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, uthe uqala ukuyizwa ngentatheli eyokuthi bafuna uLarsen. “Ngiqala ukuyizwa ngani eyokuthi sizoqasha uLarsen. Engikwaziyo ukuthi unenkontileka neMagesi. Silindeni, sizommemezela maduze umqeqeshi omusha,” kusho uZungu.