UKUNGABONI ngaso linye nomqeqeshi uMarcel Koller yikona okuholele ekutheni umgadli, uPercy Tau, angabonakali eqenjini lase-Egypt, i-Al Ahly.
Lokhu kushiwo ngenye yezinkakha zeqembu, uReda Abdel Aal, ngesikhathi emenywe ohlelweni lwethelevishini iPrimo, khona e-Egypt.
UTau (29) ubengekho emidlalweni emine yakamuva ye-Red Devils. Wayesebhentshini bebhekene neSimba yaseTanzania emlenzeni wesibili we-quarter-final yeCaf Champions League.
Kwelandelile emithathu ye-Egyptian Premier League ne-ENPPI, ZED FC neZamalek ubengekho nasebhentshini.
Kwaqale kwabikwa ukuthi uthinteke kancane eqakaleni futhi ukhathele. Ngaphambi komdlalo wangoMsombuluko neZamalek kubikwe ukuthi uTau, Ali Maaloul noMohamed Hany babuyile eqenjini.
UMaaloul noHany bawuqalile umdlalo kodwa uTau ubengekho ngisho nasebhentshini.
“Engikuzwile ukuthi uPercy Tau, isihlabani se-Al Ahly, akalimele futhi ubengakwazi ukuba yingxenye yomdlalo ngesikhathi bebhekene neZamalek,” usho kanje u-Abdel Aal, ecashunwa yi-Ahram Online ekhuluma kwithelevishini.
“UTau akaneme ngoKoller ngenxa yokwenzeka bedlala neSimba eTanzania, lapho lo mdlali azivocavoca khona elungiselela ukungena esuka ebhentshini kodwa lo mqeqeshi walanda omunye umdlali esikhundleni sakhe.”
I-Al Ahly ishaywe yiZamalek ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoMsombuluko ebusuku. Isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-21. Isele ngamaphuzu angu-12 kwiPyramids kodwa leli qembu eliqhwakele selidlale imidlalo emine ngaphezulu.
Ebuzwa ngabadlali abangazange babonakale koweZamalek, uKoller, uthe kuyabaphazamisa ukulimala kwabo kodwa kufanele baqhubeke nabakhona.
"Kufanele sigxile kubadlali esinabo, hhayi abangekho. Sinabadlali abasebancane abazilolonga ngokuzimisela kodwa kwi-Al Ahly siyabadinga abakulungele ukubhekana nengcindezi. Akulula uma kunabadlali abayisikhombisa abalimele,” usho kanje umqeqeshi ekhasini leqembu kwiYouTube.
Inkontileka kaTau ne-Red Devils izophela ngonyaka ozayo, nokho sekuke kwaba nemibiko evela e-Egypt ethi sekusele kancane asayine inkontileka entsha neqembu.
UTau uke wagijima kwiMamelodi Sundowns, Club Brugge neBrighton and Hove Albion phambilini akabizwanga eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, ngesikhathi lidlala eyobungani ne-Andorra ne-Algeria ngoMashi.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, waphumela obala ngokuthi ukhethe ukumshiya ngaphandle ukuze alulame ngokomqondo kulandela ukugxekwa yingxenye yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana, babemsola ngokungabi sezingeni elilindelekile kwi-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka.
UBroos wanezela ngokuthi ulindele ukuthi uTau abuye esesimweni esifanele uma iBafana isibhekene neNigeria neZimbabwe kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni.
I-Al Ahly izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ntambama ukuyodudulana neTP Mazembe emlenzeni wokuqala kweyandulela owamanqamu eCaf Champions League. Lo mdlalo uzoqala ngo-3 ntambama eTP Mazembe Stadium, eLubumbashi.