ABEQEMBU uMkhonto weSizwe (MK), bafuna amaphoyisa ajule ngophenyo abophe umuntu ngokufa kwesishoshovu seqembu uMnuz Morgan Mbili (45) oshe nomjondolo.
Isolezwe lithole ukuthi uMbili ushe nomjondolo eCato Crest, eMayville, ngoLwesibili ezintatha.
I-MK imenyezelwe owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ngoDisemba nyakenye, wathi usezotela yona ayeke i-ANC.
UMbili ubeyisethenjwa se-ANC ngaphambi kokujoyina i-MK esanda kusungulwa.
UMnuz Thami Mkhize weMK eThekwini, uthe bayakhala ngendlela okwenzeke ngayo. Uthe bathole umbiko wokuthi kuzwakale uMbili ememeza efuna usizo ngesikhathi umlilo ugamenxe endlini.
“Kungenzeka nje ukuthi akuyona ingozi kodwa kukhona umuntu othungele umlilo ngoba ugesi ubucinyiwe, ayikho into ebingaqala umlilo. Siyafisa amaphoyisa aphenye kahle kuvele iqiniso ngokuthi kwenzekeni. Silahlekelwe yisosha ngoba uMbili ubekwazi ukusebenzela iqembu,’’ kusho uMkhize.
UMkhize uthe ngaphambi kokuthi uMbili ajoyine i-MK, kukhona abebelokhu bemjijimeza, bemsola ngokuthi uhamba nayo. Uthe uma amaphoyisa angase alandelele kahle cishe angalithola iqiniso ngokufa kwakhe.
Uthe uyakholwa wukuthi bakhona abantu bendawo abalwaziyo udaba abangasiza amaphoyisa ngomkhondo kulolu daba.
Ikhansela lendawo, uMnuz Simphiwe “Luluza” Khanyile, lithe liwutholile umbiko ngokufa kukaMbili kodwa alinayo imininingwane kahle. UKhanyile uthe uthole ukuthi uMbili uxakwe wumlilo esendlini yakhe wagcina eshonile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngalolu daba.
“Amaphoyisa aseCato Manor ayaphenya emuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala eshe washona kugqamuka umlilo oshise neminye imijondolo,’’ kusho uConst uNgcobo.
Inkonzo yesikhumbuzo kaMbili bekulindeleke ukuthi ibe namuhla ehholo eCato Crest lapho okulindeleke ukuthi amalungu eMK aphume ngobuningi azovalelisa kuzakwabo.
Phambilini, kwadutshulwa kwabulawa ikhansela uMnuz Siyabonga Mkhize owayejutshwe yi-ANC. Kwaboshwa uMnuz Mzimuni Ngiba naye owayeyikhansela le-ANC phambilini okumanje usejele.