AKAKHATHALI noma angasiphinda kangaki isicoco seNedbank Cup umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro yinqobo nje uma iqembu lakhe kukhona elisakulwela ngasekupheleni kwesizini, livale ihlazo lokuqeda isizini lishwiba izandla.
URiveiro ovikela iNedbank ukusho lokhu ngoLwesine kwabezindaba ngamalungiselelo omdlalo owandulela owamanqamu we-Ke Yona neChippa United ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Kusukela uRiveiro efikile kwiPirates ngo-2022 usezidle zonke izinkomishi zePremier Soccer League (PSL) ngaphandle kweseligi neCarling Knockout Cup ebidlalwa okokuqala kule sizini.
Nakuba konke kubukeka kukuhle kodwa kusekhona abashaya amakhala ngalo mqeqeshi kwazise iMamelodi Sundowns isalokhu ikhonye njalo kweseDStv Premiership.
Lo mqeqeshi waseSpain osedle i-MTN 8 amahlandla amabili neNedbank yangesizini edlule, uyavuma ukuthi akumphethe kahle ukuthi iSundowns isazenzela kwiligi.
Uthe okumthoba inhliziyo wukuthi nezakhe kukhona ezisakulwela.
“Ngeke kuwenze umqondo ukuthi iqembu elithathwa njengelikhulu njengePirates kuphele isizini lingasekho embangweni wokuthile, ngakho-ke ngineme ukuthi sisekhona kwiNwedbank,” kusho uRiveiro.
“Akukhathalekile ukuthi iNedbank noma isiphi isicoco kodwa iPirates kumele ibalwe embangweni ngoba iyiqembu elikhulu.
“Siwubheke ngabomvu owamanqamu kodwa siyazi ukuthi kusamele siqale sidlule kwiChippa okungaba iphutha nokho ukuyizela ngobuso.
“Kuliqiniso ukuthi sifisa sengathi nakwiligi singalikhuphula izinga kodwa lokhu akukwehlisi ukuziqhenya kwethu ngokuthi namanje kusakhona okukhulu esisakulwela,” kusho uRiveiro.
Uthe bayibhekile iNedbank futhi bazimisele ukuqeda endaweni yesibili kwi-log ukuze babuyele kwiCaf Champions League.
Ngokomdlalo, uRiveiro uyalethemba iqembu lakhe yize elixwayisa ngokugada ubungozi beChippa.
Uthe noma bengawubheka ngabomvu kangakanani owamanqamu, kufanele bayigade iChippa ngoba ukufika kwayo kuleli zinga kuyazikhulumela.Imiphumela yayo yeligi ayisho lutho.
“Akukho okutheni esikwenzayo ngaphandle kokushumayeza abafana ngokuqhubeka nomgqigqo.
“Bonke bawulungele umdlalo ngethemba lokuthi nakulokhu bazodlulela kowamanqamu njengoba benzile ngesizini edlule,” kuphetha uRiveiro.
Kulo mdlalo kuzobe sekubuye isilomo sePirates uPatrick Maswanganyi noMakhehleni Makhaula, abebesezigwebeni zamakhadi aphuzi ngesikhathi beshaya iCape Town City ngoLwesithathu.
UMonnapule Saleng kungenzeka ukuthi naye abe eseluleme njengoba ebengekho koweCity ngenxa yomkhuhlane.