KUSAQHILIKA izihlathi kwabeqembu iTottenham Hotspur, yase-England uma bekhuluma ngoMbulelo "OJ" Mabizela, owafika kwezwakala kuleli qembu elidlala kwi-English Premier League (EPL) eminyakeni ewu-20 edlule.
UMabizela wajoyina iSpurs ngo-Agasti 2003 emuva kokubonwa ngumqeqeshi uGlenn Hoddle ngesikhathi bedlala ne-Orlando Pirates emqhudelwaneni iVodacom Challenge eNingizimu Afrika.
Namanje uma ungena enkundleni entsha yeSpurs ebize izigidi zamaphawondi ukuyakha, iTottenham Hotspur Stadium, eLondon, libhalwe ngokugqamile igama nawabanye abadlali abadlubhe leli jezi selokhu iqembu lasungulwa ngo-1882.
Okwenza elikaMabizela igama likhunjulwe kangcono, yingenxa yegoli alishaya emdlalweni wokuqala efikile kuleli qembu ngesikhathi lehlula iLeicester City ngo 2-1 ekuhambeni. Ngezikhathi zikaMabizela, iSpur yayidlalela eWhite Hart Lane okuyinkundla eyabhidlizwa, kwakhiwa Tottenham Stadium ngo-2016 kuya ku-2019.
Njengoba ngikulolu hambo lwase-England neqembu leDStv Diski Challenge leSuperSport United, kungijabulisile ukuvakashela iTottenham Stadium okunyakaze umhlaba ngesikhathi ivulwa ngo-2019. Kodwa inhliziyo yami ithole ukuthokoza okungaphezulu ngesikhathi ngibona ukumoyizela kwabantu abasemukelile uma bekhuluma ngoMabizela negoli alishayela iHotspur ngo-2003, emuva kokuzwa ukuthi siqhamuka eNingizimu Afrika.
ISuperSport ivakashele e-England ohambeni olukhethekile lapho idlala khona imidlalo yobungani namaqembu ahlukene. Kuningi ke okukhangayo ngeTottenham Stadium uma ungena kuyona.
Ukugcinwa komlando: Uma ungena eTottenham Stadium kusheshe kucace ukuthi awungeni enkundleni ejwayelekile ngoba kulula ukufinyelela phakathi. Awuhambi kakhulu ngaphambi kokuzithela phezu kwezimpahla zeqembu ezidayisayo. Njengamaqembu amaningi ase-Europe, iSpur iwabhale odongeni wonke amagama abadlali abayidlalele.
Ngaphandle kukaMabizela, kwabaseMzansi kukhona noSteven Pienaar odlale kuleli qembu ngo-2011 esuka kwi-Everton. Kwabase-Afrika kukhona uDidier Zokora wase-Ivory Coast, Emmanuel Adebayor waseTogo, Frederick Kanoute waseMali nabanye. Ngaphandle kokubhala amagama abadlali, phansi kuneziqeshana zenkundla endala ezigcinelwe ukukhumbula iWhite Hart Lane. Kwenye ingxenye okugcinwe kuyona umlando weqembu kukhona izindebe zakudala iqembu elaziwina, amajezi amabhola ayesetshenziswa eminyakeni edlule.
Indlela yokungenisa imali: Ngaphandle kokudayiswa kwezimpahla namajezi eHotspur, iTottenham Stadium iyaqashisa kwabafuna ukwenza amakhonsathi omculo, nemijaho yezimoto yeFormula One neminye imicimbi. Kukhona iSkywalk phezu kwenkundla futhi bayakhokha abangenayo bezoyibuka ngoba ivakashelwa ngabantu abasuka emazweni ahlukene. Kudlalwa imidlalo yeRugby, isibhakela neyeNFL. Lokhu kuyasiza ekutheni iqembu lithole imali yokunakekela inkundla ukuze izohlala isezingeni eliphezulu. Ngesikhathi sitheleka kule nkundla kade kubuyiselwa utshani obebuxetshuliwe ngoba kusavale isizini ye-English Premier League.
Ubuchwepheshe besimanje: Ukukhula kwebhola emhlabeni, kuyawaphoqa wonke amaqembu ukuthi abhukule athole ubuchwepheshe besimanje. Lapha kule nkundla kukhona amagumbi odokotela nomshini wokusiza uma kukhona umdlali ohlaselwe yinhliziyo esenkundleni. Lo mshini usiza ngokuthi umdlali axilongwe ngokushesha khona enkundleni ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela.
Ezindlini zokushintshela kukhona bonke ubuchwepheshe obudingwa ngumqeqeshi ngosuku lomdlalo, okubalwa ubhazabhaza wethelevishini osetshenziselwa ukuhlaziya umdlalo. Umqeqeshi wonozinti uneyakhe akhombisa kuyona ithimba lakhe. Ngaphansi kwesihlalo somdlali ngamunye kunezindawo eziphuma umoya osezingeni lokushisa elilinganayo nasenkundleni. Lokhu kwenzelwa ukuthi abadlali bakwazi ukuzwa izinga lokushisa elisenkundleni ngaphambi kokufika khona. Nangesikhathi sekhefu, amazinga okushisa ezindlini zokushintshela agcinwa elingana ukuze abadlali bengapholi.
Ubukhulu benkundla: ITottenham Stadium ibalwa nezinkundla ezinkulu e-England. Ilayisha abantu abangu-62, 850. Inkundla enkulu kunazo zonke yiWembley Stadium elayisha abangu-90 000. Ngaphandle ukhangwa ubukhazikhazi kwithelevishini eshintsha izikhangiso okukhona kuzona ijezi elisha leSpurs. Lokhu kungihlabe umxhwele kakhulu. Sengingakuqinisekisa ukuthi ITottenham Stadium ingenye yezinkundla ezinhle esengike ngazihambela, e-Afrika nakwamanye amazwekazi.
Esesivalelisa, uTony Stevens oyinhloko yezokuxhumana kwiTottenham, uthe kubona kuyinto enkulu ukuba nale nkundla ngoba ibabeka ebalazweni lomhlaba, wathi uMabizela uyohlala ekhunjulwa ngabalandeli beqembu.
"Abalandeli bethu abaningi bayamkhumbula u-OJ ngegoli elihle alishaya sidlala eLeicester ekuhambeni. Kuyohlala kukhulunywa ngalo iminyaka eminingi ezayo. Walandelwa nguSteven Pienaar owadlala kancane lapha noBongani Khumalo ongafinyelelanga esikimini esikhulu kodwa wagcina edlale koweNdebe yoMhlaba, washaya negoli, "kusho uStevens.
Isifundo: Engikufundile kulokhu kuvakashela iTottenham Stadium wukuthi kubalulekile ukuthi iqembu libe nenkundla yalo, abalandeli abazoyibiza ngekhaya nokulivulela izindlela ezahlukene zokwenza imali yokuyinakekela. SiyiNingizimu Afrika kufanele sivuke sizithathe uma sizimisele ukuncintisana namanye amazwe ebholeni lomhlaba ikakhulukazi ngobuchwepheshe besimanje obusetshenziswayo ebholeni. Lokho kuyaphoqa. Inkinga yezinkundla namaqembu isenkulu eMzansi njengoba lingekho elidlala esigabeni esiphezulu elinayo. Izinkundla zingaphansi koMasipala. Amaqembu akhokha imali eshisiwe ukuziqasha ukuze aziqeqeshe futhi abambe imidlalo.