UPHUPHUMA injabulo umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ngomdlali wabo osemncane uRelebohile Mofokeng oyozama inhlanhla phesheya kwezilwandle.
UMofokeng (18) unikezwe ithuba esikimini esikhulu sePirates nguRiveiro ekuqaleni kwesizini emuva kokugila izimanga kweseDStv Diski Challenge esiqeqeshwa nguJoseph Makhanya. Kuvele ukuthi uMofokeng, odle ngomjiko onobuchule, ufulathele iNingizimu Afrika ukuyohlolwa ikhono yiWolverhampton Wanderers FC edlala kwi-English Premier League, e-England. Leli yithuba eliyingqayizivele kulo mdlali odlale isizini eyodwa kwiDiski.
URiveiro uthe unethemba lokuthi uMofokeng uzothathwa phesheya kwezilwandle.
"Ngiqinisekile ukuthi uselungele noma yini ezayo. Uneminyaka ekahle. Mhlawumbe lapha (eNingizimu Afrika) kungabukeka kuseva njengoba enengu-18 kodwa akunjalo kimina. Uma ulandela okwenzeka manje e-Europe abaneminyaka engu-18,17,19,20 kujwayelekile emaqenjini amakhulu ukuthi bathole imizuzu esikimini esikhulu.
“Kufanele, kancane kancane, siyishintshe indlela esibona ngayo eyomdlali esithi usemncane. Uma usulungile, ulungile. Akusho lutho ukuthi uneminyaka engu-18 noma engu-20. Uma usukulungele ukudlala, usukulungele. Uma usezingeni, usezingeni. Kulokhu, siyalazi sonke ikhono likaRele. Konke kusezandleni zakhe ukusebenzisa leli thuba. Sijabule ngokungaphezulu ukubona uRele ekulesi simo futhi siyathemba ukuthi uzophumelela futhi sinethemba lokuthi ngeke kugcine ngaye," kusho uRiveiro ekhuluma nabezindaba izolo.
Lo mqeqeshi ubekhuluma esithangamini nabezindaba ebesihlelelwe ukukhuluma ngomqhudelwano omusha iCarling Black Label Knockout abazovula kuyona neCape Town Spurs e-Orlando Stadium kusasa, ngo-7.30 ebusuku.
IPirates ishayela phezulu kulandela ukuwina indebe yeMTN8 emasontweni amabili adlule. I-MTN8 bekuyindebe yesithathu kaRiveiro selokhu efikile kweZimnyama ekuqaleni kwesizini edlule. Uqale ngayo iMTN8 engaziwa, wavala isizini edlule ngeNedbank Cup. URiveiro nezakhe bazobhekana neSpurs esahlulwe emidlalweni eyisishiyagalombili esayidlalile selokhu ibuyele kwiDStv Premiership.
"Sinenhloso efanayo okuwukudlala yonke imidlalo kulo mqhudelwano futhi siqhubeke size sifike ekugcineni. Sizothatha igxathu ngalinye, siqale ngoLwesihlanu ngeCape Town Spurs. Kuzoba nzima njengokujwayelekile. Kodwa siphuma emasontweni amabili amahle okuzilungiselela obekuyikhefu leFifa. Sizoba sisesimeni esihle ngoLwesihlanu," kusho uRiveiro.