KUPHUCE iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates iqatha ukuzibophezela iminyaka emithathu kwabakwaSAB Miller (abakhiqiza iCaling Black Label) ekuxhaseni i-PSL njengoba sekuzoba neCarling Black Label Knockout neBlack Label Cup.
IChiefs nePirates bese beneminyaka bethola intshontsho kule nkampani kodwa u-Arne Rust, oyisikhulu esibhekele nokuxhaswa kwemiqhudelwano yakwaBlack Label, utshele Isolezwe ukuthi lokhu sekuzoba umlando.
Kusukela le nkampani ibuyele ebholeni laseNingizimu Afrika, iChiefs nePirates ibona abahlabane kunawo wonke amaqembu e-Premier Soccer League (PSL) kwazise womabili la maqembu abethola intshontsho ngokugqiza ngombhalo wale nkampani emikhonweni yamajezi awo.
Ngaphandle kwalokhu kuxhaswa kwezinkunzi zaseSoweto, bekuyizona kuphela ebezihlomula ngeBlack Label Cup ebidlalwa ngaphambi kokuqala kwesizini entsha lapho abadlali bebevotelwa abalandeli.
“Sikubone kuwumqondo ophusile ukuhoxa ekuxhaseni iChiefs nePirates yodwa ngoba sinezinhlelo zokungena sigxile kwi-PSL ngeBlack Label Knockout,” kusho uRust ngoLwesibili eHyde Park, eGoli.
“Inhloso yethu ukufaka amahhanisi kulo mqhudelwano kule minyaka emithathu esiyisayine ne-PSL ngakho-ke sibone kungcono ukuthi silumise lonke uxhaso oluseceleni.
“Kusemqoka nokho ukuthi ngikuqhakambise ukuthi akubanga nazinkinga ngesikhathi sicela ukuhlukanisa nala maqembu womabili kodwa futhi uma ubukisisa kahle kusafana nokuthi sisasebenza ndawonye ngoba vele ubuso obufanayo nasemahhovisi e-PSL.
“Sizishaya isifuba ngokubuyela ngokugcwele kwiPSL kwazise sisuka kude nale nhlangano kanti kuyasikitaza nokuthi namanye amaqembu aseNingizimu Afrika asenethuba lokuzixebulela nawo kwaSAB Miller,” kuphetha uRust.
Uma sekuphele umqhudelwano we-KO ngo-Disemba 16, kuzoba neCarling Black Label Cup ezoba phakathi kweqembu elidle isicoco nelibunjwe amavoti abalandeli ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngasekuqaleni konyaka ozayo (Januwari 6).
Leli qembu elizokwaziwa ngele-All Stars lizobunjwa ngabadlali abayisithupha abadlala kwiDStv Premiership nabahlanu beDStv Diski Challenge (DDC) abasemabhukwini amaqembu angazange ayiwine i-KO. Nomqeqeshi ozobe elihola uzovotelwa abalandeli.
Uhlelo lokuvota ngeke lushintshe kwazise kuzoba indlela efanayo nale abalandeli abebenza ngayo eminyakeni edlule kanti kulokhu banethuba lokuhlomula ngoR10 000 njalo ngesonto ngesikhathi kuqhubeka iCarling Black Label Knockout.