Mamelodi Sundowns (0) 0
Esperance de Tunis (0) 1
(I-Esperance inqobe ngo 2-0 sekuhlanganiswe nomphumela womlenze wokuqala)
IQHUBEKILE nokubhekwa yisambane iMamelodi Sundowns iphinda iphuma kowandulela owamanqamu weCaf Champions League iguqiswa yi-Esperance de Tunis yaseTunisia kowomlenze wesibili obudlalelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli eliqinisekise ukuthi i-Esperance yiyona eyodlala owamanqamu ne-Al Ahly, livalelwe phakhathi wuRaed Buchniba obesuka ebhentshini, ngesiwombe sesibili.
E-Esperance beyize kulo mdlalo ihamba phambili ngo 1-0 njengoba kuyiyona eyanqoba kowomlenze wokuqala eTunisia ngeledlule.
Okuqaphelekile esikimini seSundowns esiqale umdlalo ukuqala kwesethenjwa somgadli, uPeter Shalulile obengasajwayele ukubonakala eqala imidlalo, noThapelo Maseko naye obengajwayele ukubonakala eqala imidlalo.
Uphinde akangabonakala nakulo mdlalo uTeboho Mokoena obekubhekeke kufike lo mdlalo eseluleme, kulandela ukudonseka kwakhe umsipha emdlalweni weligi iSundowns idlala neMoroka Swallows koweligi emasontweni amabili edlule.
Nakuba iSundowns kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo, yakha amathuba amaningi okufika emapalini, kusheshe kwacaca ukuthi i-Esperance beyizele ukugqobha emuva njengoba ivale zisuka kwaze kwayophela umdlalo.
Ngemuva kwemizuzu ewu-20 uqalile umdlalo umisiwe ngenxa yemibani nokuduma kwezulu obekuphelezela imvula enamandla. Cishe kuthathe ihora ukuthi kubuyelwe enkundleni seyehlile imibani. ISundowns iqhubeke lapho ibigcine khona ilokhu ihlasela kodwa engazwile emapalini unozinti we-Esperance u-Amanallah Memmiche.
UShalulile othole amathuba amaningana kulo mdlalo, uhluleke wancama ukutholela ezakhe igoli.
Phezu kokuba i-Esperance ibidlalela kakhulu emuva kodwa ithole ithuba ngomzuzu ka-57 ngesiwombe sesibili yalisebenzisa ngenkathi uBuchniba obesanda kungena endaweni kaYan Sasse, evalela phakathi igoli ebelandisa umthwalo kwiSundowns obese kumele ishaye amathathu ukuze inqobe.
Yize kunjalo ezikaRhulani Mokwena ziqhubekile nokuhlasela kodwa igoli ngisho elikubika belilokhu linqabe njalo.
Ukuphuma kweSundowns kowandulela owamanqamu nakule sizini, kusho ukuqhubeka nokubhekwa yisambane kwalezi zingqungqulu zasePitoli njengoba kube ngesifanayo nangesizini edlule ziguqiswa yiWydad Casablanca.
Bese kuyihlandla lesithathu amaSandawana evinjwa kulesi sigaba kusukela anqoba okokuqala lesi sicoco ngo-2016. Afinyelela kowandulela owamanqamu ngo-2019.
I-Esperance isizobhekana ne-Al Ahly ekhiphe i-TP Mazembe yaseDR Congo eyikhiphe ngokuyishaya ngo 3-0 komunye umdlalo wangoLwesihlanu owandulela owamanqamu obuseCairo International Stadium, e-Egypt. Umlenze wokuqala uzokuba ngoMeyi 18, owesibili udlalwe ngoMeyi 25.