KUVUNGUZA umoya wokuzethemba eqenjini lesizwe lebhola labesifazane kulandela ukubhudluza kwalo iTanzania ngo 3-0 emlenzeni wokuqala kweyokuhlungela ama-Olympic ngoLwesihlanu.
IBanyana inqobe ngo 3-0 e-Azam Sports Complex, eDar es Salaam, ngamagoli kaJermaine Seoposenwe, Thembi Kgatlana noHildah Magaia.
La maqembu asezodudulana emlenzeni wesibili eMbombela Stadium, eMpumalanga, kusasa ngo-7.30 ebusuku.
Ozonqoba uzobe esedlulela emzuliswaneni wokugcina wokuzibekisela indawo kuma-Olympic azoba seParis, eFrance, kusukela ngoJulayi.
“Asiqalanga kahle esiwombeni sokuqala kodwa uthe umdlalo uqhubeka senza kangcono kwesesibili. Ngicabanga ukuthi bekungenxa yokushisa. Ngiyajabula ukuthi sihlanganile njengeqembu senza lokhu obekufunwa abaqeqeshi,” usho kanje uMagaia exoxa nethimba labezindaba leSafa ekupheleni komdlalo.
“Umphumela uyakhuthaza. Manje sesizodlalela ekhaya futhi silindele ukuthi lokho kusinike ithuba elithe xaxa lokunqoba. Sikholwa ukuthi sizokwenza kahle ngoba sizobe sisekwe abalandeli bethu."
Umqeqeshi uDesiree Ellis, uthe kusemqoka ukuthi umdlalo basheshe bawulawule kusasa ukuze bangayivuleli iTwiga Stars intuba yokuthi ibuye.
“Konke kusezandleni zethu, kufanele siqedele umsebenzi ekhaya. Asifuni ukuzithela ngabandayo. Abantu bangathi ukunqoba ngo 3-0 emlenzeni wokuqala kusho ukuthi usuqedile kodwa igoli lokuqala emlenzeni wesibili lingashintsha izinto eziningi. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi yithina esithola igoli kuqala," usho kanje lo mqeqeshi kwabeSafa.
“Uma sekudlulile lokho sizoqala ukucabanga ukuthi sizodlala nobani emzuliswaneni olandelayo phakathi kweNigeria neCameroon. Okwamanje sisenomsebenzi okufanele siwenze, ngakho asifuni ukucabanga kude kakhulu. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi siyakwenza okufanele sikwenze bese sigxila ekutheni sizodlala nobani kolandelayo."
ICameroon neNigeria babambane ngo 0-0 emlenzeni wokuqala obuseStade de Reunification, eDouala ngoLwesihlanu.
Umlenze wesibili bazowudlalela eMoshood Abiola National Stadium, e-Abuja, namuhla ngo-5 ntambama.