INKULUMO ka-Arthur Zwane, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ikhombise izimpawu zokuthi ngaphansi kwesandla sakhe, Amakhosi uwabona elinyusile izinga kunakumasizini adlule.
UZwane osekucacile ukuthi ngeke ayiqede kule sizini indlala yezinkomishi kwiChiefs, usebenze ngaphansi kukaGavin Hunt kwaze kwaba u-2021 lapho kuqashwe khona uStuart Baxter, naye lo mqeqeshi wase-England waqhubeka noZwane waba yiphini kwaze kwaba ukhonjwa indlela.
Ngokusho kukaZwane, izinombolo zikhomba ukuthi iChiefs yakule sizini ingcono kakhulu kunangamasizini amathathu adlule.
Ithuba lokugcina likaZwane lokuqeda indlala yezinkomishi (esineminyaka eyisishiyagalombili), ngesizini yakhe yokuqala lishabalale ngempelasonto edlule iChiefs ikhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngo 2-1.
Yize uZwane eqonda ukuthi kunabathile abazokubona njengokuhluleka njengoba eqede isizini yakhe yokuqala eshwiba izandla kodwa ngokwakhe iChiefs yamanje ingcono.
“Ubukhulu beChiefs benza sibukeke njengezahluleki, okuyinto engiyiqondayo kodwa iqiniso wukuthi bona labo bantu bayakhohlwa wukuthi iChiefs isuka kuphi,” kusho uZwane kwabezindaba.
“Ngiwumuntu wokuqala ukwamukela ukuthi besingenza kangcono kule sizini, yingakho ngiphoxekile ngendlela esizoyisonga ngayo.
“Uma uqhathanisa nalapho siphuma khona, uzoqaphela nokho ukuthi kuningi okuhle nokuyisa iqembu phambili esesikwenzile.
“Kusemqoka futhi ukuthi abantu bakhumbule ukuthi kunzima kangakanani ukuqala phansi iqembu,” kuqhuba umqeqeshi.
UZwane uzwakalise ukuziqhenya ngabadlali bakhe, wakhombisa ukuba nethemba lokuthi umsebenzi ngeke umlahlekele.
“Izinombolo azishayi eceleni, ngakho-ke njengoba sisalelwe yimidlalo emibili, abanesikhathi, abaqhathanise izinombolo kulapho kuzocaca khona ukuthi lide kangakanani ibanga elihanjwe yiChiefs kule sizini nakwamathathu adlule.
“Sikhulile futhi sivuthiwe isikwati samanje, uma usiqhathanisa nesakumasizini amathathu adlule.
“Ukuwinisa iChiefs izinkomishi yiwona umbandela ophambili engibekelwe wona futhi lokho ngeke kushintshe.
“Ngeke kwafihlwa ukuthi besizimisele ngokuwina okuthile kule sizini kodwa bekusemqoka futhi nokuqinisekisa ukuthi isisekelo seqembu sizinzile.
“Sifike kweyandulela eyamanqamu emibili (MTN 8 neNedbank). Ngokwami sisibekile isitebhisi esizokwenza amasizini alandelayo abe ngcono kuna le,” kuphetha uZwane.
Kowandulela owokusonga isizini yeDStv Premiership, iChiefs izobhekana neSuperSport United ebanga nayo indawo yesithathu ngoMgqibelo eFNB Stadium.