IZWAKALE inezimpawu zokuphonsa ithawula ngamathuba empumelelo emidlalweni yokuhlunga inkulumo yomqeqeshi weBaroka FC, uDan “Dance” Malesela. Lokho kubonakale ngemva kokukhala ngaphansi kwezakhe ngo 1-0 zibhekene ne-University of Pretoria ngeSonto ntambama, eTuks Stadiuam, ePitoli.
AmaTuks alale endaweni yesibili kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, anqobe ngegoli likaKamohelo Pheeane, alivalele enethini sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele.
Lingena nje igoli likaPheeane, umdlalo uphethwe yiBaroka elale isithathu kwiChampionship.
Bekuqala emlandweni ukuthi iTuks inqobe uma ibhekene neBaroka ngoba nakweyelegi amaqembu acazelane ngamaphuzu kuyona yomibili.
Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, bekunezikhathi lapho bekusobala ukuthi uMalesela ufisa ukuzisakaza phansi ngenxa yamathuba alula abelahlwa yiqembu lakhe.
Esekhuluma nabezindaba emuva komdlalo umqeqeshi odume ngokudlalisa ibhola elidla utshani, uzwakale njengomuntu oseliphonsile ithawula ngenxa yendlela abaqale ngayo.
“Kusukela siqala ukulungiselela imidlalo yokuhlunga besishumayela ivangeli lokungahlulwa emdlalweni wokuqala ngoba uma kwenzeke lokho ngeke lisabakhona ithuba lokulungisa,” kuphawula uMalesela.
“Ukuqala kwethu ngebatha sekusiphoqa ukuthi siyinqobe yonke imidlalo esisalele okuyisimo esiyingozi ukuba kusona ikakhulu uma ubhekene namaqembu alwela into efanayo nawe,” kuqhuba yena.
UMalesela akakholelwa ekuthembeleni kweminye imiphumela okuvamise ukwenzeka uma uqale ngebatha.
“Lo mphumela awugcini ngokusimpintsha ukuthi sinqobe yonke imidlalo elandelayo kepha sesiyaphoqeleka ukuqalaza ukuthi abanye benzani.
“Angizwani nalokho yize ngiqonda ukuthi kuyingxenye yomdlalo kodwa ngingumqeqeshi okholelwa ekuzenzeleni umsebenzi. Simelwe umqansa wokushaya kabili iRichards Bay,” kuphetha uMalesela.
IBaroka izophumula maphakathi nesonto ngaphambi kokwamukela iRichards Bay FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eGlobal Village, eLimpopo.
Kusasa iTuks izozama ukwengeza emaphuzwini ayo amathathu ngoba izobe ivakashele iBay elale endaweni ka-15 kwiDStv Premiership.
Umdlalo ungo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.