Kaizer Chiefs (1) 1
Swallows FC (2) 2
ISWALLOWS FC inombele ngeKaizer Chiefs izisusa engozini yezembe ngesikhathi inqoba ngo 2-1 umdlalo weDStv Premiership ngoMsombuluko ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Kulo mdlalo obekumqoka ukuthi Izinyoni zithole amaphuzu ukuze zizisuse engozini yezembe, inkundla ivulwe, uGregory Damons, ngomzuzu wesikhombisa umdlalo uqalile kodwa uChristian Saile, ulinganisele iChiefs ngoka-23.
Ngokwehlulwa iChiefs isiphumile embangweni weCaf Champions League.
Singakapheli isiwombe sokuqala, uBongani Sam, ubuyisele iSwallows phambili ngesikhathi engqofela phakathi i-freekick kaDamons.
Kulo mdlalo iChiefs ibiholwa u-Itumeleng Khune emapalini, emuva kwesikhathi eside engabonakali. Ukugwetshwa kukaBrendon Petersen, kumvulele ithuba lokubuya ingakasongwa isizini.
Ngesikhathi kubukeka sengathi imizuzu yokuqala eyishumi izophela kungekho minyakazo etheni, uDamons uqhamuke kunganakekile emuva kwebhola elide, likaLindokuhle Mtshali, elikhiphe lo mdlali, wadlula kuNjabulo Ngcobo, ngaphambi kokubhekana noKhune ozamile ukuvimba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Kube sengathi iyanethezeka iSwallows emuva kwaleli goli kwazise ibisihleli emuva ngokukhululeka obese kwenza iChiefs kube iyona eya ngamandla emapalini, kaDaniel Akpeyi, obevimbele izivakashi.
UKhune uyilamulele iChiefs ngomzuzu ka-18 evimba ibhola elihle ebelingqofelwe ngekhanda, uKagiso Malinga, obezitshela ukuthi useyibeke ebuhleni iSwallows.
Kuyibuyisele obishini lokhu iSwallows ngoba kudlule imizuzu emihlanu, uSaile wayibuyisela emdlalweni iChiefs, ngebhola alishaye phakathi kade kuyi-freekick ebingenabungozi.
Abalandeli abebephume ngobuningi babo ePolokwane bese bethola lokhu abakufunayo kwazise womabili amaqembu abesedlala ngokuzethemba.
ISwallows ibuyele ebuhleni ngomzuzu ka-33, uSam eshaya igoli ngekhanda kade kuyi-freekick ebuyiselwe ngaphakathi, uKwanda Mngonyama oqokwe njengomdlali ovelele wosuku.
Emuva kwaleli goli, iChiefs ithole inqwaba yamakhona obekufakazela ukuthi ibizama ukuthi ziye ekhefini isilinganisile okwesibili kodwa lokhu kugcine kungenzekanga. Emdlalweni wonke, Amakhosi athole amakhona awu-16, ahlulekile wukuwasebenzisa.
Iqembu lasekhaya lisiqale ngomfutho isiwombe sesibili kodwa obekucaca ukuthi iSwallows ikhululekile ngoba ezika-Arthur Zwane, bezingeyona ingozi ku-Akpeyi.
USaile noSiyabonga Ngezana, bafikile nokho emapalini kodwa kwangalunga kwazise lo mgadli waseDemocratic Republic of Congo (DRC), ube nomona kwathi elalesi sitobha lashaya ipali.
Umdlalo uhambe ngendlela obekubukeka sengathi ifunwa iSwallows kwaze kwaba imizuzu yokugcina lapho u-Akpeyi esindise khona iSwallows evimba u-Ashley du Preez.
Kuke kwaba muncu ngemizuzu yokugcina yalo mdlalo ngesikhathi kuwa, umdlali wasemuva weSwallows, uKegan Allan, okuholele ekutheni kuze kungene ama-ambulensi amabili nabosizo lokuqala obekuhlanganisa womabili amathimba odokotela awo womabili amaqembu. Lo mdlali ugcine esukumile yize ebekhala waphumela ngaphandle nokho kucaca ukuthi akamuhle kahle.
Imidlalo yeDStv Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport United v Stellenbosch (TUT Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Orlando Pirates v Royal AM (Orlando Stadium).
Ngo-5.15pm: Sekhukhune United v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium); Maritzburg United v Marumo Gallants (Harry Gwala Stadium).
Ngo-7.30pm: Cape Town City v Golden Arrows (DHL Cape Town Stadium); Richards Bay v Chippa United (King Zwelithini Stadium); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium).