UHLABEKE umxhwele uJohn Maduka, umqeqeshi weRoyal AM, ngezimpawu ezikhombisa ukuvuthwa komdlali wasemuva, u-Ayanda Jiyane. Yisizini yokuqala kaJiyane egijima emidlalweni engaphansi kweDStv Premiership.
UJiyane (21) ukhushulelwe esikimini esikhulu se-AM ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu, esuka eqenjini elincane eligima kwiDStv Diski Challenge. Abanye ngoSphiwe Cele, Sabelo Sithole noSanele Radebe. Leli qembu liphoqelekile ukuthi lithembele kulaba badlali esigabeni esikhulu ngemva kokunsinywa kwalo yiFifa (eyengamele ibhola emhlabeni), ukuthi lisayinise abadlali abasha. Uswinyo ludalwe wukuthi i-AM yalahlwa yicala elithinta ukungakhokhelwa kukaSamir Nurkovic, owachithwa yiThwihli Thwahla esanenkontileka.
UJiyane oyiqongqotha emuva maphakathi nendawo, useqale imidlalo engu-15, wayiqeda engu-13 yeligi nemibili yomkhumulajezi.
UCele ongumdlali wasesiswini odle ngokushoshela phambili usedlale engu-14, washaya amagoli amabili. URadebe odlala esiswini usaqale emibili kuphela kanti uSithole odlala esiswini usedlale engu-12, washaya igoli elilodwa.
“Abadlali abasebancane kufanele banikwe ithuba eqenjini elikhulu, inqobo nje uma bekhombisa ukuzimisela, yingakho-ke u-Ayanda, Sphiwe, Sabelo noSanele sibanika ithuba.
“Yebo, kulesi simo esibhekene naso njengamanje sokungakwazi ukusayinisa abadlali esibafunayo, kufanele sisebenze ngalabo esinabo futhi sikholelwe kubona ukuze balifele iqembu enkundleni.
“Ngingasho ngokungangabazi ukuthi ngisahlabeke umxhwele ngendlela laba badlali bami abasakhombise ngayo ukuzimisela, ikakhulu u-Ayanda, uSphiwe, noSabelo, oshaye igoli lokuqala kule sizini emdlalweni wethu neCape Town City,” kuphawula uMaduka.
Uqhube wathi nakuba engeyena umqeqeshi othanda ukuncoma abadlali ngabodwana kodwa akakufihli ukuzigqaja nokuchazeka kwakhe okwenziwa wukuvuthwa kukaJiyane odongeni lwasemuva.
“Indawo uJiyane adlala kuyona ibucayi, ifuna umdlali ovuthiwe, yingakho ingihlaba umxhwele indlela asayibambe ngayo kuze kube manje.
“Uya ngokuya ekhombisa ukuvuthwa kule ndawo adlala kuyona, ungaze uphike ukuthi isizini yakhe yokuqala lena, edlala esigabeni esikhulu sePremiership. Yize esadinga ukuthuthuka lapha nalaphaya kule ndawo ayidlalayo kodwa uyazikhombisa impela izimpawu zokuya ngokuqina,” kuqhuba uMaduka.
IThwihli Thwahla ithole ukuphefumula emshikashikeni wayo wokusuka esishozini sezembe ngokushaya iCape Town City ngo 2-0 kowePremiership, ngempelasonto edlule. Ukunqoba kwayo kuyibeke endaweni ka-10 kwi-log yePremiership.
Izobuyela ensimini ngoMashi 30, ngomdlalo wasekuhambeni lapho izobhekana neStellenbosch FC, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.