UCHAZEKILE uRhulani Mokwena, ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, ngakubiza ngokukhula ngokomqondo komdlali wasesiwini wezakhe, uTebogo Mokoena, ngokungafeli ngaphakathi uma ezwa kukhona lapho kudonseka khona kulandela ukushaya igoli ngesikhathi bedlala neMoroka Swallows kwiDStv Premeisrhip.
UMokwena ukusho lokhu esithangamini nabezindaba lapho ecacise khona ukuthi lesi silomo somdlali, asilimele kangako kodwa konke lokho kungenxa yokuthi seluqinile ukhakhayi kusona kunobhutshuzwayo.
UMokoena uthe angabeka iSundowns phambili ngenguzunga yeshodi ngoMsombuluko, wacela ukukhishwa okushiye abaningi bedidekile kwazise ungomunye wabadlali abangajwayele ukulimala esikwatini sikaMokwena.
Ngaphandle kokudideka, bekunokuthuka kwazise uMokoena usedlalele iSundowns amahlandla angu-46 neBafana angu-12 ngo-2023/2024.
Emuva komdlalo, uMokwena utshele abezindaba ukuthi akukubi kangako kuMokoena.
Lokhu kufanele ukuthi kwehle kahle kuMokwena kanjalo nabalandeli bamaBrazilians njengoba enomdlalo omqoka ngempelasonto.
EzikaMokwena zizodudulana ne-Esperance Sportive de Tunis, yaseTunisia, emlenzeni wokuqala kweyandulela owamanqamu yeCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku, eStade Olympique Hammadi Agrebi.
“Ngiyazigqaja ngokuba umqeqeshi womunye wabadlali abaphambili eNingizimu Afrika, othe uma ezwa kukhona lapho kudonseka khona wazicelela ukukhishwa ekubeni kunguyena obebeke phambili iSundowns ngelinye lamagoli amahle esengike ngawabona kule sizini,” kusho uMokwena.
“Akonakele kangako kuyena ngaphandle kokuthi uzwe kukhona into edonsekayo emuva kokushaya igoli lokuqala lomdlalo.
“Asinawo uphawini wezinqumo ezingasikhubaza njengoba isizini isimi kanje kodwa okungibusisa kakhulu ukuthi umdlali uyena okhombise ukukhula ngokomqondo wabeka iqembu phambili.
“Yena nenjabulo yakhe yokushaya igoli elihle igcine iza emuva,” kusho uMokwena.
ISundowns ihambe naye uMokoena ukuya eTunisia.
“Ngeke ngiliyeke ithuba lokuncoma uMokoena ngoba ubengaqhubeka adlale ngoba ebuswa nawumuzwa omnandi wokubhakuzisa inethi ekude kodwa waphakamisa isandla wakhombisa ukuba umdlali nomuntu oqotho wacela ukuba simphumuze.
“Akukho okungaphezulu kwalokhu engikunikwa abadlali bami engingakucela kubona ngokwahlukana kwabo ngoba ngenelisekile.”