UKUKHUHLA ibhentshi ngesikhathi kusaqeqesha uMolefi Ntseki kumqinise ukhakhayi uNkosingiphile “Mshini” Ngcobo, weKaizer Chiefs.
UNgcobo (24) uke wabalwa nabanye babadlali abazokuba ikusasa leChiefs kulandela indlela afike wagqama ngayo esigabeni esikhulu kusukela ngo 2019.
Kubuye kwehla lokhu ngenxa yokulimala njalo obekumxina eduze kodwa usewumqemane ngokusho kwakhe kwabezindaba abekhuluma nabo muva nje eNaturena.
UNgcobo ongazange adlale kweyokuqala yesizini ngaphansi kobuholi bukaNtseki osekungumlando ukuthi ukhonjwe indlela, useyiqale ilandelana emihlanu yeligi yeChiefs njengoba iqembu selishayelwa uCavin Johnson, onomlando wokukholelwa kubadlali abasebancane ngokweminyaka.
Lo mdlali wasesiswini uyena oshaye igoli lokunqoba leChiefs ngesikhathi idlula, iRichards Bay ngo 1-0 ngoMgqibelo eFNB Stadium. Uphume nanomklomelo womdlali ovelele wosuku.
“Kuliqiniso ukuthi amasizini adlule awazange ahambe ngendlela ebengingathanda ngayo kodwa sengidlulelile ezinkingeni, ngesikhathi esifanayo sengiwumqemane okusho ukuthi sengikulungele ukulwela iqembu lami liqhubeke nokuqoqa amaphuzu,” kusho uNgcobo.
“Ngesikhathi ngingadlali bengisebenzisa leso sikhathi ukuzikhuthaza nokuzilungiselela ukuthi uma selifikile ithuba lami ngingalokothi ngiliyeke lingidlule.
“Okuhle ukuthi kulezi zinsuku wonke umuntu wenza okufanele ukuqinisekisa ukuthi ngaphandle kokuthi iqembu lidlala kahle, ubumqoka bamaphuzu abusuki ezindebeni zabo bonke abadlali okuwumuzwa omnandi ngaphambi komdlalo omqoka,” kuqhuba uNgcobo.
“Imina owokuqala ovumayo ukuthi ishodi engiqale ngalo eqenjini elikhulu lehlile kodwa futhi angifuni ukucasha ngokulimala yingakho ngizimisele ukuqinisa ekusebenzeni ukuze ngizobuyisela eqenjini sonke lesi sikhathi ebengisihleli ngingadlali.”
UNgcobo ubuzwe nangekusasa lakhe kwiChiefs kwazise kuke kwasabalala amahlebezi athi uzonyuselwa enkontilekeni anayo neqembu.
“Nginenkontileka neChiefs kodwa ikusasa lami akuyona into okufanele iqagelwe ngoba igazi lami liyimibala yaMakhosi.”
IChiefs esendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-23, izovala unyaka ngokuvakashela iSekhukhune United ngoDisemba 30 kozoqala ngo-8 ebusuku ePeter Mokaba Stadium.