AKANAZO izimpendulo ngesizathu sokuthi kwenziwa yini ukuthi kuze kufikwe kuhhafu wesizini yeDStv Premiership i-Orlando Pirates ingakaze ilishaye igoli esiwombeni sesibili umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, ekubeni ethengelwe inqwaba yabagadli obekubhekwe ukuthi basize ekubhakuziseni inethi.
Yize kusobala ukuthi kunesimo esifufusayo kwiPirates engayazi iwini emidlalweni yeligi eyisikhombisa kodwa uRiveiro akazange akhombise izimpawu zokuthi uyakubona lokhu ngesikhathi ekhuluma kwiSuperSport kulandela ukushaywa yiCape Town City ngo-2-1 ngoMgqibelo, e-DHL Stadium, eKapa.
IPirates ishaye igoli layo lika-10 kule sizini esiwombeni sokuqala kodwa isifo sayo sokuba buthuntu esiwombeni sesibili sivulele iCity intuba yokuqoqa amaphuzu amathathu kwazise yona ikwazile ukushaya amagoli amabili sekubuywa ekhefini.
Emuva kwalo mdlalo uRiveiro osesele ngamaphuzu angu-18 kwiMamelodi Sundowns eqhwakele embangweni wesicoco, ubuziwe ukuthi kungani iqembu lakhe lingakaze lilishaye igoli esiwombeni sesibili ekubeni libophele uKermit Erasmus, Zakhele Lepasa, Kabelo Dlamini, Evidence Makgopa, Kwame Peprah noBienvenu Eva Nga?
“Anginayo incazelo ngokugqoza kwamagoli esiwombeni sesibili kodwa uma ufuna ukujula ngalokho kufanele siyibheke nendaba yamathuba amahle esiwakhile kulesi siwombe okhuluma ngaso,” kusho uRiveiro kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Maningi amathuba asiwakhile esiwombeni sesibili kwanqaba lona igoli. Akuyona into elula ukufaka ibhola enethini.
“Kulo mdlalo neCity ngikholelwa ekutheni esikwenzile bekwanele ukuthi siwasebenzise ngendlela amathuba esiwakhile kodwa kwanqaba khona.
“ICity iqembu elinzima kodwa okusemqoka ukwamukela ukuthi izinto zethu azihlangani kahle kusukela sibuye ekhefini leNdebe yoMhlaba okufakazelwa ukushaywa imidlalo ilandelana.
“Kumele sisamukele isimo esibhekene naso, sibhukule njengoba kuhlale kwenza amaqembu amakhulu njengePirates,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Ukuvezile ukuthi kumshiye edidekile ukuthi kungani iPirates iphunyukwe ilo mdlalo ekubeni bekubukeka sengathi konke kuvuna yona?
“Kube sengathi ngibuka imidlalo emibili ehlukene ngoba besingenankinga sihamba phambili kodwa kuthe bangalinganisa, konke kwashintsha.
“Kunzima ukuchaza ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi siye ekhefini sesibambene ngo-1-1. Ngiyazi ukuthi lezi zimpendulo zibhekwe kimina.
“Linjalo-ke ibhola kodwa kufanele senze kangcono ngokuzayo ngoba asisenawo uphawini wokuqhubeka nokunikela ngamaphuzu amqoka bhusende ngale ndlela,” kuphetha lo mqeqeshi waseSpain.
NgoMgqibelo iPirates esaqoqe amaphuzu awu-19, emidlalweni ewu-15, izobhekana neLamontville Golden Arrows e-Olrando Stadium ngo-3.30 ntambama.