SIBUSISO MDLALOSE
I-ROYAL AM idambise amathemba okuzibekisela indawo kwiMTN 8 ngesizini ezayo ngemva kokuguqiswa yiCape Town City ngo 2-1 koweDStv Premiership izolo ntambama eChatsworth Stadium, eThekwini.
YiRoyal AM eshaye igoli kuqala ngesiwombe sokuqala ngonyawo lukaSiphesihle Msomi. Kufanele izisole yona ngokuvumela iCity ibuye kulo mdlalo ngoba womabili amagoli eCity iwashaye ngesiwombe sesibili.
Elokulinganisa leCity livalelwe phakathi nguTaahir Goedeman, ngomzuzu ka-58 esuka ebhentshini, kwathi elesibili labhajiswa enethini nguKhanyisa Mayo ngomzuzu ka-66.
Ukunqoba kwe-AM lo mdlalo bekuzoyibeka ethubeni elingcono kakhulu lokuziphendlela indawo kwiTop 8 ,ngokuphela kwesizini esezihubela sakusha kuyo.
IThwihli Thwahla okumanje isendaweni yesishiyagalolunye isiwadinga kumnyama kubomvu amaphuzu okungenani amahlanu emidlalweni emithathu eyisalele, okungowe-Orlando Pirates (ekuhambeni), iSwallows FC (ekhaya), neRichards Bay FC (ekuhambeni).
Ngasohlangothini lweCity lo mphumela uyibeka ethubeni elihle kakhulu lokuqeda kwiTop 8 ngoba isendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership.
Ngokwesibili izimpelasonto zilandelana i-AM idedela umdlalo ngoba nangeledlule iwaphunyule esesemgodleni amaphuzu agcwele, ngokudedela iTS Galaxy iyibambe ngo 1-1 umdlalo usuphelile.