Kugcine kukhonye iqembu lomgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana, kwiligi yaseMexico, iLiga BBVA Femenil, ngokudla isicoco seCampeon de Campeonas ngoLwesibili ekuseni.
ITigres UANL idle umhlanganiso ngesikhathi inqoba iqembu likaJermaine Seoposenwe, iCF Monterrey, ngo 3-2 emlenzeni wesibili obubanjelwe e-Estadio Universitario.
Umlenze wokuqala odlalelwe enkundleni yeMonterrey, i-Estadio BBVA, ngoLwesine uphele zibambene ngo 0-0.
Womabili la maqembu abe ngompetha kwiligi yabesifazane yaseMexico ngesizini ka-2023/24. ITigres yathatha isicoco sokuqala, i-Apertura, ngoNovemba nyakenye, iMonterrey yathatha esomzuliswano wesibili, iClausura, ngoMeyi.
Bobabili abagadli beBanyana bayibhakuzisile inethi kulo mdlalo ophele ngo 3-2. UKgatlana ushayele iTigres igoli lokulinganisa ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ngemva kokuthi uRebecca Bernal ebeke iMonterrey phambili kwesokuqala.
ITigres ihambe phambili okokuqala ngegoli elishaywe nguSandra Mayor ngomzuzu ka-70, uSeoposenwe wavalela eleMonterrey lokulinganisa ngoka-78. Nokho uNayeli Rangel uphinde wayibeka phambili iTigres eshaya igoli ngomzuzu ka-86, yagcina ihambe kanjalo nendebe.
UKgatlana, owajoyina iTigres ngoDisemba nyakenye, ubeqala ukuphakamisa indebe naleli qembu kwazise lanqoba isicoco se-Apertura engakafiki.
“Ngijabule kakhulu ngoba emasontweni ambalwa edlule asikwazanga ukungena kowamanqamu (eClausura) kodwa sesikwazile ukudlala lo mdlalo omkhulu neRayadas (Monterrey), sikwenza lokho enkundleni yethu, phambi kwabalandeli bethu,” usho kanje uKgatlana ephawula ekhasini leLiga BBVA kwi-X.
“Asidlalanga kahle esiwombeni sokuqala kodwa sibuye kahle kwesesibili. Sidlale kangcono futhi sakhombisa ukuthi sihlose ukunqoba.”
Bobabili uKgatlana noSeoposenwe bazohlaba ikhefu elincane ngaphambi kokuqala amalungiselelo esizini ka-2024/25 namaqembu abo.