KUKHONYE i-Ethekwini Coastal engaphansi kwe-Amanzimtoti Local Football Association kwiSolezwe Soccer Cup kulandela ukunqoba kwayo ngo-2-0 kwiCherrians FC yakwiDurban South Local Football Association kowamanqamu walo mqhudelwano osongwe ngempumelelo izolo ntambama, eGlebe Stadium, eMlaza.
Lo mqhudelwano ohambisana nemigubho yeSolezwe yokuqeda iminyaka engu-20 lasungulwa, ubuhamba noR50 000 ohlukaniswe amaqembu amane abegugisa utshani eGlebe.
Kwabesifazane, bekugadulisana iKwaMashu Sisters neDurban University of Technology.
Ngokudla isicoco, i-Ethekwini Coastal izoya kuKhisimusi ihleka yodwa kwazise ibuyele ekhaya nesheke likaR20 000 kwathi iCherrians yathotshwa inhliziyo ngoR15 000.
IKwaMashu Sisters edle isicoco ngokunqoba ngo-4-2 kowamanqamu wabesifazane, ithathe uR10 000, kwathi iDUT elale isibili, yahamba no-R5000.
IThekwini Coastal ifike kowamanqamu ngokuguqisa i-United XI ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenathi kowandulela owamanqamu, kwathi iCherrians yashaya iMolweni FC ngo-2-0, komunye umdlalo walesi sigaba. IKwaMashu Sisters ibifinyelele kowamanqamu ngokushaya iMolweni Ladies ngo-2-1 kowokuqala wowandulela owamanqamu, kwathi iDUT yashaya iToti Ladies-3-2 kowesibili.
Isolezwe Soccer Cup esizodlalwa minyaka yonke isongwe ngenjabulo izolo ntambama eGlebe, obekuvele kuyinhloso yomhleli waleli phephandaba uKiki Ntuli.
“Sibonga kakhulu ngokusukumela phezulu kwamaqembu esifunda kulo mqhudelwano ebesiwuqala kulo nyaka futhi singalindele ukuthi uzoba kuleli zinga ogcine uba kulona,” kusho uNtuli.
“Sijabule kodwa sijabulela kakhulu iKwaMashu Sisters ne-Ethekwini Coastal abayohlale besemlandweni wokuba ompetha bokuqala balo mqhudelwano wethu esihlele ukuba ube minyaka yonke.
“Womabili la maqembu anowawo umlando aziqophele wona njengoba engawokuqala ukuqukula lezi zinkomishi okuwenza akhethekile.
“Njengoba sihlele ukuthi lo mqhudelwano sigubhe ngawo eminye iminyaka engu-20 yephephandana Isolezwe, nakanjani iKwaMashu Sisters ne-Ethekwini Coastal siyobabiza njengezingqalabutho,” kuqhuba uNtuli.
“Ngaphandle kokujabulisa abafundi bephephandaba, besingeke siliyeke ithuba lokufaka isandla ekuthuthukisweni kukanobhutshuzwayo kwazise uyimpilo yabo (abafundi bethu),” kuphetha uNtuli.