UKUWOLA amaphuzu emidlalweni yeDStv Premiership edlalwe ngoFebhuwari nangoMashi kwenze umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, nomdlali, uLinda Mntambo badle umhlanganiso kumaDStv Premiership Awards, alezi zinyanga.
USeema uhlomule ngendondo yeDStv Premiership Coach of the Month njengoba ezakhe bezidedela isibhaxu kulezi zinyanga zombili. Ziyinqobe yomihlanu imidlalo yeligi kulesi sikhathi zithela phansi iRichards Bay FC, Lamontville Golden Arrows, Royal AM, Moroka Swallows ne-Orlando Pirates. ISekhukhune isibambe indawo yesine kwi-log ngamaphuzu awu-35.
UMntambo uthathe indondo yeDStv Premiership Player of the Month kulandela ukushaya amagoli amathathu waphinde wakha amabili kule midlalo. Uvalele igoli elilodwa emdlalweni ngamunye bebhekene neBay, Swallows, walithoa naseqenjini lakhe lakudala iPirates.
Lo mdlali ubuyele enkundleni maphakathi noFebhuwari ngemuva kokuhlala unyaka engadlali ngenxa yokulimala eqakaleni, kwadingeka ukuthi ahlinzwe.
“Ngijabule futhi ngiyaziqhenya ngokuzuza lo mklomelo. Bengisebenza kanzima nethimba lodokotela ukuze ngibuyele esimweni esifanele ngizolekelela iqembu ukuze liphumelele,” kusho uMntambo ethimbeni labezindaba lePSL.
“Kuyangithokozisa ukubona izinga engikulona njengamanje. Ngibonga bonke abaqeqeshi kanye nozakwethu. Bekungelula kodwa besilokhu sizikhandla futhi iqembu selithola imiphumela emihle.
“Ngithanda ukubonga wonke umuntu obambe iqhaza ekutheni ngilulame, okuhlanganisa umndeni wami nabalandeli. Ngezinye izikhathi kwakungifikela ukuthi ngiphonse ithawula kodwa ngaqiniswa amandla kaNkulunkulu. Wayazi ukuthi ukulimala kuyingxenye yezinto okumele ngidlule kuzona ezizoletha le mpumelelo.”
Isitobha seZimnyama, uThabiso Lebitso, sikhale semuka nendondo yeDStv Premiership Goal of the Month ngegoli esalishaya benqoba iKaizer Chiefs ngo 3-2 kowomkhaya baseSoweto, sidedela ishodi sikude alizwa ngendaba unozinti waMakhosi, uBruce Bvuma.
USeema ujoyine uRhulani Mokwena weMamelodi Sundowns, Mabhuti Khenyeza we-Arrows noSteve Barker weStellenbosch FC, asebeke baqokwa njengabaqeqeshi abavelele ezinyangeni ezedlule kule sizini,
Abakhethwe njengabadlali abavelele ngaphambi kukaMlambo kube nguLucas Ribeiro weSundowns, Bradley Grobler weSuperSport United no-Iqraaam Rayners weStellies.
Abanye asebesohlwini lwabazobanga indondo yeDStv Premiership Goal of the Season nguPule Mmodi weChiefs, Samir Nurkovic weTS Galaxy noSipho Mbule weSundowns.