ISINQUMO sikakaputeni we-Egypt, uMohamed Salah, sokushiya ikhempu yaleli qembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), eqhubeka kwelase-Ivory Coast, ukuba ayonyangwa inyonga kwiLiverpool FC ayidlalela e-England, asiyihleli kahle inkakha, engu-Ahmed Hassan.
UHassan okusenguyena okhonyayo ngesibalo semidlalo ayigijimele i-Egypt ukhombise ukungazwani nesinqumo sikaSalah esimenyezelwe i-Egyptian Football Association (EFA) ngempelasonto edlule.
I-EFA ikhiphe isitatimende kulandela ukuphuma kukaSalah emdlalweni ka-Group B osekungumlando ukuthi i-Egypt icazelane kuwona ngamaphuzu neGhana ebambane nayo ngo 2-2.
Kuthiwe uSalah uthinteke inyonga ngakho-ke uzobuyela eLiverpool ukuyoxilongwa kahle kodwa kunesivumelwano sokuthi uzobuyela e-Ivory Coast esigabeni semidlalo eyandulela amanqamu, uma i-Egypt ifinyelele kuyona. Bekulindeleke ukuthi abhekise amabombo e-England ngoLwesibili.
UHassan ophete irekhodi lokudlalela i-Egypt amahlandla amaningi (184), ukholelwa ekutheni uSalah bekufanele ahlale neqembu e-Ivory Coast kumnyama kubomvu.
“Angikaze ngibe nenkinga yokubekwa kukaSalah njengokaputeni weqembu lesizwe futhi ngiwumlandeli wakhe ngakho-ke konke engizokusho ingoba kuthinta iqembu lami lesizwe,” kusho uHassan oseyiwine amahlandla amane i-Afcon ne-Egypt kwiMirror.
“Okungekuhle ukuthi uqale wayindlalela ngendlela ehlukile indaba samzwela kanti okulandelayo uzoshiya ikhempu maphakathi nomqhudelwano.”
“Ikuvuma kanjani i-CAF ukuthi umdlali ashiye i-Afcon iqhubeka aphinde abuye uma sekumvulela ukuthi abuyele ekhempini? Uma kungukuthi ibinkulu kangako inkinga, yini emvimbe ukuthi afike nomuntu wakhona kwiLiverpool?
“Uyena umholi ngakho-ke njengokaputeni weqembu ngokwami akukho lapho bekufanele aqhelelane khona neqembu ngisho ngabe kuthiwa ukwazi ukuma ngomlenze owodwa kuphela. Ushilo naye ukuthi iqembu akulona elakhe kodwa besimbalile kubadlali abayizithenjwa njengabo bonke abasimele kwi-Afcon,” kusho uHassan.
NgoMsombuluko, ebusuku i-Egypt ibambane neCape Verde ngo 2-2 kowokusonga iqoqo okuyidlulisele kwi-last 16. Kulo mdlalo, uSalah ubehlezi nabalandeli.