Mamelodi Sundowns (2) 3
Stellenbosch FC (1) 1
IMAMELODI Sundowns ikhangise ngokuqina kwesikwati sayo inqoba kwiStellenbosch FC ngenqwaba yabadlali abangalijwayele ijezi koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku, eLucas Moripe Stadium.
Kulo mdlalo ongazange uqale ngesikhathi ngenxa yemvula ebeliyidlia, inkundla ivulwe, uDevon Titus wezivakashi, ngaphambi kokuthi, uGrant Kekana no-Aubrey Modiba, balinganise baphinde babeke iSundowns ebuhleni ngokwahlukana esiwombeni sokuqala.
Kwesesibili, uSiyabonga Mabena, oneminyaka engu-16 ubudala ushaye igoli lakhe lokuqala obekungelokushayela isipikili sokugcina seDowns.
Kudingeke ukuba lo mdlalo umiswe imizuzu engu-35 ngaphambi kokuthi uqale ngenxa yokwesabela impilo yabadlali nabalandeli esimeni sezulu ebesinobungozi.
URobert Sithole obehola ithimba lonondweba uthe: “Okumqoka kithina impilo yabadlali nabalandeli ingakho siqome ukuwumisa okwesikhashana umdlalo ukuze sizosihlolisisa isimo sezulu.”
“Inkinga umbani odlalela eduze nenkundla kodwa kusukela siwuhlehlisile umdlalo (umbani) uya ngokuya uyaqhela enkundleni ngakho sinethemba lokithi sizoqubeka,” kusho uSithole.
Isikimu seSundowns esiqale umdlalo besehluke kakhulu kulesi esigcine ukubonakala koweMTN8 neKaizer Chiefs kwazise, uPeter Shalulile, Rivaldo Coetzee noMosa Lebusa, ibona kuphela abebebuyisiwe.
Igoli leStellies lingenebngomzuzu ka-14. Ngomzuzu ka-34, uKekana ubuyisele iSundowns emdlalweni ngegoli elishaye kade kuyikhona ebithathwe uModiba, olandelilse lokhu ngengcwenga ye-freekick ayinamathisele enethini ngomzuzu ka-39 wasala enkemile uSage Stevens, obevimbele izivakashi.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibisizenzela futhi kusobala ukuthi iStellies isithembele ethubeni lokugqashula ngejubane uma livela.
Ngomzuzu ka-90, uShalulile ukhombise ukungabinawo umona enika uMabena obesanda kungena ithuba lokushaya igoli lakhe lokuqala esigabeni esikhulu.
Kugcine kunqobe iSundowns obese kungokwehlandla lesishiyagalombili emidlalweni yokuqala yesizini eyisibalo esifanayo.