Stellenbosch FC (0) 1
Carling All-Star (2) 2
UPHENDUKE iqhawe labalandeli unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, otakule iqembu leCarling All-Stars ngesikhathi lehlula iStellenbosch emdlalweni weCarling Black Label Cup ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli e-All Stars ashaywe nguMfundo Vilakazi no-Ashley Du Preez esiwombeni sokuqala. EleStellies lishaywe nguMervin Boji sewuyophela umdlalo.
UKhune, osamisiwe yiChiefs ngenxa yophuzo oludakayo, wenze omkhulu umehluko eqenjini leCarling ngokuvimba amabhola amaningi ayingozi abethunyelwa yiStellies. UKhune uvotelwe ngabalandeli nje, abanye bambona njengosefanele ukuwaphanyeka emgibeni amagilavu ngenxa yamaphutha awenzile emidlalweni yaMakhosi. Nokho ukushaya kwakhe into ecokeme kulo mdlalo kungenzeka kwenze abaphathi beChiefs bacabange kabusha kwazise bamemezela ukuthi lena yisizini yakhe yokugcina edlala eNaturena.
Iqembu le-All Stars belivotelwe ngabalandeli bebhola eMzansi, baqoka nomqeqeshi uJose Riveiro we-Orlando Pirates ukuthi aliqeqeshe. UKhune bamqoke njengokaputeni.
IStellies ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nokuwina izindebe kulandela ukuhlabana ngeyeCarling Black Label Knockout emasontweni adlule.
Ukwazana kwabadlali beStellies kuhlale obala zibekwa, ihlasela ngamandla. Ngomzuzu wokuqala uKhune uchithe ibhola lika-Anthony Van Wyk seludideke lwaphela udonga lwasemuva lwe-All Stars. Nokho emuva kwemizuzu emibili, i-All Stars isebenzise ithuba layo lokuqala lomdlalo ngesikhathi uVilakazi evalela phakathi i-free kick ebikade ingaphandle kwebhokisi. IStellies izamile ukuphendula ngokushesha kodwa wenqaba uKhune evimba kwasani ebeluthunyelwa ngakuyena.
Ngomzuzu ka-13, i-All Stars ithole iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaDu Preez ebhokisini, wavuka wayibeka phakathi. Emuva kwaleli goli, iStellies izamile ukulibeka phansi kodwa ihluleka ukuthola igoli.
Esiwombeni sesibili, iStellies ibuye ngomfutho, izama ukushaya igoli ngokushesha. UKhune obeyiqhawe esiwombeni sokuqala ngokuvimba amabhola anzima uphenduke isitha sabalandeli emuva kokwenza iphutha elicishe lahlomulisa iStellies ngomzuzu ka-53. Abalandeli bazwakalise ulaka lwabo, bamcela ngaphandle. Emuva kwemizuzu eyishumi unompempe, uThando Ndzandzeka, ushaye ngekhadi elibomvu u-Athenkosi Mcaba kulandela ukudlalisa kabi uJabulani Mokone. Sekusele amanenjana kuphele umdlalo, uBoji ushayele iStellies umthobanhliziyo. Nokho ekugcineni phezu kwaleli phutha uKhune uvotelwe njengomdlali ovelele wosuku, wagoduka nesheke likaR100 000.
Ngokunqoba abadlali be-All Stars bazohlukaniselana uR2 million otholwe ompetha. IStellies ithole uR1 million.