IMPUMELELO yeqembu lesizwe lebhola labesifazane isaqhubeka njengoba liphinde laqoqa inqwaba yezindondo kuma-gsport Awards abeseGoli ngoLwesibili ebusuku.
Leli qembu liqophe umlando ngesikhathi lifinyelela kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba ngo-Agasti, okuholele ekutheni lona nabayingxenye yalo bavotelwe wumphakathi namajaji.
IBanyana Banyana iqokwe yaba yiqembu elivelele, iqwaqwada iqembu lesizwe labesifazane lombhoxo leStellenbosch Universty nelesizwe lekhilikithi.
Bekungokwesibili kulandelana iBanyana idla le ndondo, kwazise yayithatha nyakenye ngemuva kokunqoba isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations.
Iphinde yathola nendondo ekhethekile ephuma kuNgqongqoshe wezeMidlalo kazwelonke uZizi Kodwa, iMinisterial Recognition of Excellence, ngobuqhawe ebukhombisile iba yiqembu lokuqala likanobhutshuzwayo lakuleli ukudlulela kweyomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba.
Phezu kwalokho, umqeqeshi uDesiree Ellis, uthathe indondo yeCoach Of The Year.
“Lo mklomelo akuwona owami ngedwa kodwa ngoweqembu iBanyana Banyana, abaqeqeshi nabo bonke abasebenza ngokuzikhandla enkundleni nangaphandle kwenkundla, ukusiza iqembu lenze kahle.
Wokwabo bonke abaqeqeshi abakwiHollywoodbets Super League neSasol League ukuthi banesandla esingakanani kubadlali neqembu,” kusho u-Ellis.
Unozinti weBanyana, u-Andile Dlamini uqokwe waba yi-Athlete Of The Year. Nakuba engadlalanga eNdebeni yoMhlaba kodwa ubeyingxenye yeqembu futhi ugqamile edlalela iMamelodi Sundowns Ladies, kwiCaf Women’s Champions League neHollywoodbets Super League.
“Ngithanda ukubonga abazali bami nokhokho bami ngokungipha amandla. Kuningi engidlula kukho kodwa ngiyakwazi ukumelana nakho.
Ngibonga iMamelodi Sundowns neBanyana Banyana, bonke abaqeqeshi bami, ikakhulukazi umqeqeshi uRecka (Vusi Hlabangwana) ongiqinise ngokomzimba nangokwengqondo,” kusho uDlamini.
Abaxhasi beBanyana, iSasol, nabo abasalanga ngaphandle njengoba behlomule ngendondo yeNielsen Sports SA Sponsor of the Year.
Ngaphande kokuxhasa iqembu lesizwe, iSasol isineminyaka itshala imali kwiSasol Women’s League, edlalwa kuzona zonke izifundazwe kuleli.
Umlandeli wezemidlalo oqavile wakuleli, uJoy “Mama Joy” Chauke, wemuke nendondo yeSupporter of The Year. Uyamukele ephesheya njengoba eseFrance lapho iqembu lesizwe lombhoxo labesilisa, amaBhokobhoko, livikela khona isicoco seNdebe yoMhlaba.
Abanye anqobe kumaMomentum gsport Awards:
Telkom Woman of the Year – Natasha Petersen
Global Woman in Sport – Leila Steyn-Daku
DP World African Woman in Sport – Faith Kipyegon
SuperSport Woman in TV – Vusiwe Ngcobo
Brand SA Para Sport Star of the Year – Kgothatso Montjane
Mail & Guardian Woman in Print – Lethabo Kganyago
Emerging Athlete of the Year – Kyra van Kan
Woman in PR and Sponsorship – Emy Casaletti-Bwalya
Woman in Radio – Rachel Makhura
Woman in Social Media – Jessica Nkomo
Special Recognition – Brenda Mafunisa
Volunteer of the Year – Bella Mpho Makhoba
Style Star – Nqobile Khwezi
Federation of the Year – Cricket South Africa
Public Choice Award – Netball South Africa
2023 Hall of Fame Inductee – Blanche Moila
Ministerial Recognition of Excellence Award – Proteas Women Cricket Team
Ministerial Recognition of Excellence Award – SA Women’s Indoor Hockey Team
Ministerial Recognition of Excellence Award – Spar Proteas Netball Team
Ministerial Recognition of Excellence Award – SuperSport