UMQEQESHI weShayamoya Academy edle umhlanganiso kwi-Engen Knockout Challenge, uMpendulo Nyuswa, uthi kusho lukhulu eqenjini lakhe ukunqoba umqhudelwano, yize beselizame amahlandla amaningi ukunqoba.
IShayamoya ibe ngompetha baKwaZulu-Natal be-Engen Knockout Challenge, emuva kokuguqisa iKusekhaya FC ngo 5-3 kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi. IDurban Ladies idle umhlanganiso kwabesifazane iguqisa iBabhambe ngo 7-2 sekukhahlelwa amaphenathi.
Le midlalo ibidlalelwa e-Edgewood Grounds, eThekwini, ngempelasonto lapho bekudlana khona imilala amaqembu angu-34 ka-U/18 no-U/20 awabafana nawamantombazane.
I-Ladies isivikele isicoco kanti yawina nyakenye kwabesifazane. AmaZulu, ahlulekile ukuvikela indebe yanyakenye ngemva kokukhishwa yiMidlands Academy kuma-quarterfinal.
IShayamoya yaseMzinto, neDurban Ladies yaseMlazi, bazomela iKwaZulu-Natal kokazwelonke ngoSepthemba i-Engen Champ of Champs eGoli.
“Ngijabule ngendlela engachazeki ngokunqoba kwethu lo mqhudelwano. Ukunqoba kwethu kusho lukhulu ngoba lo mqhudelwano udlalelwa ngamaqembu asezingeni eliphezulu KwaZulu-Natal, lokho okusho lukhulu kubadlali bami nekusasa labo ebholeni.
“Sesizame kaningi ukunqoba lo mqhudelwano sifinyelela kweyamanqamu, ngakho ukunqoba kwethu kusho injabulo enkulu kithina,” kusho uNyuswa, oqokwe njengomqeqeshi ovelele kulo mqhudelwano.
“Ngiyabathemba abafana bami, ngakho ngiyakholwa ukuthi singalihamba ibanga nakumaChamp of Champs izinto ziyenzeka ebholeni uma uzimisele.
“Futhi-ke sebekujwayele ukudlala emiqhudelwaneni emikhulu kazwelonke, ngoba sebeke badlala nakwiBayhill Premier Cup bebhekene nabadlali abadlala emaqenjini ePSL.”
Umqeqeshi weDurban Ladies, uSkhumbuzo Mkhize, naye oqokwe njengomqeqeshi ovelele kwabesifazane uthe ukholwa wukuthi ezakhe bekuzifanele ukunqoba umqhudelwano ngenxa yokusebenza kanzima ukulungiselela lo mqhudelwano.
“Sisebenze ngokuzikhandla, ngakho lo mphumela uyimpendulo ekuzikhandleni kwethu. Besiziqeqesha kabili ngosuku, ikakhulukazi njengoba izikole zisavaliwe, ukulungiselela lo mqhudelwano ngoba besazi ukuthi izinga lizoba phezulu kulo nyaka, ngakho amehlo abekuthina njengeqembu ebelivikela isicoco.
Siyakwazi esikulindele emqhudelwaneni kazwelonke eGoli, ngakho sizimisele ngokwenza okusemandleni ukusimela ngempumelelo isifundazw kwi-Engen Champ of Champs,” kusho uMkhize.
Imiklomelo:
Kubafana U/18:
Goalkeeper of the tournament:
Olwethu Mngadi (Kusekhaya FC)
Defender of the tournament:
Micky Sikhakhane (Kusekhaya FC)
Midfielder of the tournament:
Mthobisi Jeza (Shayamoya Academy)
Top Goalscorer of the tournament:
Kwanele Mbayi (Shayamoya Academy)
Fair play team of the tournament:
KZN Academy
Player of the tournament:
Mthobisi Jeza (Shayamoya Academy)
Kumantombazane U/20:
Goalkeeper of the tournament:
Aphiwe Msomi (UKZN Ladies)
Defender of the tournament:
Amanda Mzulwini (Toti Ladies)
Top Goalscorer of the tournament:
Kwezi Khoza (Durban Ladies)
Fair Play team of the tournament:
Shooting Stars
Player of the tournament:
Amahle Mtshali (Durban Ladies)