AmaZulu (1) 1
Stellenbosch (0) 0
AMAZULU aliqedile ishobolo lokunganqobi imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana kwiDStv Premiership ngokuguqisa iStellenbosch ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ntambama.
Igoli elinqobele Usuthu amaphuzu amathathu lishaywe ngumdlali waseZambia, uRally Bwalya, maphakathi nesiwombe sokuqala.
Leli goli liphinde laqinisekisa ukuthi umqeqeshi uRomain "Fohloza" Folz unqoba umdlalo wakhe wokuqala kuleli njengoba ebengayazi iwini selokhu aqala isizini neMarumo Gallants waze wadlulela nasoSuthwini.
Umdlalo uqale ngesivinini esithembisayo womabili amaqembu enenhloso yokuya phambili kodwa engawakhi amathuba okukhahlelela ipali.
Eqenjini lasekhaya bekugqame uMsindisi Ndlovu obelihlikihla kuchwaze inkundla, kwiStellies, uJunior Mendieta ubelisebenzisa ijubane kodwa angaxhumani nozakwabo.
Izivakashi izona ezibuze kuqala ngesikhathi uSinethemba Mngomezulu edonsa intambo ekude ngomzuzu ka-24, unozinti woSuthu, uVeli Mothwa walichilizela eceleni ibhola.
EzikaFohloza zigcine ziyibhakuzisile inethi ngomzuzu ka-31. UNdlovu udlule emadodeni ngakwesokudla ngaphambi kokulishiyela uBwalya, odedele imbumbulu emshiye engazi lutho unozinti weStellies, uSage Stephens.
Kwale kancane ukuthi kuyiwe ekhefini la maqembu eselingana. UDevon Titus ugobe ibhola eliyingozi ngakwesokudla u-Abbubaker Mobara wacishe walikhomba ngasekhaya ngekhanda kodwa kwasiza ipali.
Esiwombeni sesibili womabili amaqembu aqhubekile ukuhlasela kodwa Usuthu oluthole amathuba angcono njengoba iqembu laseStellenbosch bese lizama ukuthola igoli lokulinganisa.
IStellies sibe nawo amathuba ngasekupheleni komdlalo kodwa uRamahlwe Mphahlele wakwazi ukuvala ibhola ebelishaywe uJayden Adams, elikaMendieta laphuma eceleni kwepali.
Lo mphumela ushiye Usuthu endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-13. IStellies ilele endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-13.
Usuthu seluzogxila ekulungiseleleni umdlalo wamanqamu weMTN8 lapho luzotholana phezulu ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.