UTHEMBA ukuthi ukuthola isikimu nokubuyela efomini kuzombuyisela eqenjini lesizwe umdlali wasesiswini wakuleli, uNjabulo Blom.
UBlom wasala ngaphandle ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, eqoka isikwati sakamuva esidlale emibili yokungcweka neNamibia neDemocratic Republic of Congo maphakathi nenyanga.
Ngaleso sikhathi uBroos wathi isizathu sokumshiya ngaphandle wukuthi ubuye angadlaliswa eqenjini lakhe, iSt Louis City.
Kusukela lapho useqale imidlalo emine ilandelana, bebhekene ne-LA Galaxy, iHouston Dynamo, Los Angeles FC neMinnesota United.
Kowakamuva neMinnesota ushaye igoli lesibili elenze banqoba ngo 2-1. Kulo mdlalo ubebhekene nomunye umdlali weBafana Bafana, uBongokuhle Hlongwane, ogijima kwesokudla kwiLoons.
UBlom ubeqala ngqa ukushaya igoli ebholeni elikhokhelayo njengoba aze ahamba kwiKaizer Chiefs engakaze ayibhakuzise inethi.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu. Ngibonga uNkulunkulu ngoba sekunesikhathi ngithandazela ukushaya igoli. Ngibonga nozakwethu ngoba basebenze kanzima ukuze ibhola ngigcine ngilitholile. Angizange ngikholwe ngesikhathi ngilibona liyonamathela enethini,” uBlom uchaze kanje ekhuluma ekhasini leqembu lakhe kwiYouTube.
“Ngesikhathi ngisaziphuphela ngokushaya igoli lami lokuqala bengicabanga ukuthi ngizodansa omunye wemidanso yaseNingizimu Afrika kodwa ngesikhathi sekwenzeka ngivele ngadideka. Ngibone ozakwethu ngagijima ngaqonda kubona.
“Sengike ngawathola amathuba okushaya amagoli phambilini kodwa ibhola livele lidlule eceleni kwepali. Kulokhu ngikwazile ukulibuyisela onyaweni lwesokudlala, okuyilona engilithembe kakhulu, ngalibeka phakathi. Ngisazoqhubeka ngizijwayeze ukukhahlelela ipali ukuze ngithuthuke.”
UBlom ufakiwe eqenjini leBafana labadlali abangu-36 elizodlala neSwatini ne-Ivory Coast ngenyanga ezayo. Leli qembu lisazoncishiswa ngesonto elizayo kusale abadlali abangu-23.
“Angazi noma ngizogcina ngibiziwe yini kodwa konke kuzoqhamuka kumqeqeshi. Sinenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu ezweni lethu kodwa ngiyethemba ukuthi kulokhu ngizozibekisela indawo eqenjini lesizwe,” kusho uBlom.
Inkakha yeBafana, uBradley Carnell, ophethe izintambo kwiSt Louis City, uhalalisele uBlom ngokushaya igoli lakhe lokuqala waphinde wamncoma ngamagalelo akhe enkabeni yenkundla.
“Uma uNjabulo esefomini kunzima ukuthi izitha zimelane naye. Uyinono enkundleni, uyamaka kodwa futhi uhlezi ecabanga ukuya phambili,” kusho uCarnell.
“Ngizwe egunjini lokushintshela ukuthi ubeqala ukushaya igoli selokhu aqala ukudlala ibhola elikhokhelayo. Ukuqala ngegoli lalolu hlobo kusho lukhulu. Ngiyazi ukuthi naseNingizimu Afrika bazomhalalisela,” uphethe kanje.