UMQEQESHI weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo labesifazane, uDesiree Ellis, umemezele isikwati sabadlali abangu-32 esizobhekana neSerbia emdlalweni wobungani ngenyanga ezayo.
Lo mdlalo uyingxenye yamalungiselelo eBanyana Banyana eNdebe yoMlaba ezoba se-Australia naseNew Zealand, kusukela kuJulayi kuya ku-Agasti.
IBanyana izothola elinye ithuba lokudlala neqembu elivela ngaphandle kwezwekazi i-Afrika ngemuva kokubamba iqhaza kwiTurkish Women’s Cup ngoFebhuwari.
Kulowo mqhudelwano elakuleli lathela phansi i-Uzbekistan ngo-3-0, ladlala ngokulingana ngo-1-1 neSlovenia.
“Sineqembu lokuqala labadlali abangu-32 esibakhethele ikhempu ezayo, abadlali abazinze kuleli abangu-26 bazongena ekhempini ngoMashi 27,” kusho u-Ellis ethimbeni labezindaba leSafa.
“Sibonga abaqeqeshi beHollywoodbets Super League kanjalo nabeSasol Women’s League. Siyababonga ngomsebenzi abawenzile futhi siyabazisa kakhulu bonke abadlali abazoba yingxenye yekhempu yasekhaya. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sibakhuphulela kwelinye izinga.
“Sonke siyazi ukuthi lo wunyaka omkhulu ebholeni labesifazane futhi uma sekumenyezelwa isikwati sokugcina sabadlali abangu-23 esizodlala eNdebeni yoMhlaba, sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uma sesihlangana nabanye abadlali sesibathuthukisile.
“Konke lokhu kuyingxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba. Njengoba sasishilo, siqala manje ukuhlela esizokwenza kulowo mqhudelwano. Abadlali bethu benze kahle ekhempini edlule futhi siyethemba ukuthi sizonyukela kwelinye izinga ekhempini elandelayo.”
Iqembu lakuleli lizolibangisa eSerbia, ngo-Ephreli 6, bese umdlalo ube ngo-Ephreli 10.
Leli qembu libunjwe ngabadlali abebedlala kwiTurkish Women’s Cup kanjalo nababeseqenjini leBanyana elalala isibili kwiCosafa Women’s Championship nyakenye.
Ubuyile eqenjini uNomvula Kgoale, owayeyingxenye yeqembu elanqoba iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) nyakenye. Useqale imidlalo emihlanu selokhu asayiniswa yiTS Galaxy Queens ekuqaleni kwesizini yeSuper League.
ULebohang Ramalepe ohlale izinyanga ezintathu engenalo iqembu uphinde washiywa ngaphandle. Usanda kujoyina iMamelodi Sundowns Ladies lapho esadlale khona umdlalo owodwa ephuma ebhentshini.
Elinye igama elingekho esikwatini ngelikaThembi Kgatlana ongakaze adlale kusukela alimala kwiWafcon ngoJulayi, nyakenye.
Iqembu lakhe iRacing Louisville limfakile ohlwini labadlali elizobasebenzisa kule sizini ka-2023, okukhombisa ukuthi akusekude abonakale enkundleni.
ILouisville izovula isizini entsha yeNational Women’s Soccer League neqembu likaKgatlana elidala, iHouston Dash, ngoMsombuluko.
Iqembu leBanyana Banyana:
Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns FC), Kaylin Swart (JVW FC), Regirl Ngobeni (UWC FC), Katlego Moletsane (Royal AM), Dineo Magagula (TS Galaxy).
Izitobha: Asanda Hadebe (Sunflower FC), Karabo Dhlamini (Mamelodi Sundowns FC), Fikile Magama (UWC FC), Tiisetso Makhubela (Mamelodi Sundowns FC), Lonathemba Mhlongo (UWC FC), Noko Matlou (SD Eibar), Bambanani Mbane (Mamelodi Sundowns FC), Bongeka Gamede (UWC FC).
Abasesiswini: Refiloe Jane (Sassuolo FC), Sibulele Holweni (UWC FC), Thubelihle Shamase (UJ FC), Linda Motlhalo (Glasgow City), Kholosa Biyana (UWC FC), Cimone Sauls (JVW FC), Nomvula Kgoale (TS Galaxy), Robyn Moodaly (JVW FC), Amogelang Motau (UWC FC).
Abagadli: Noxolo Cesane (Tigres Femenil), Gabriela Salgado (JVW FC), Sphumelele Shamase (UJ FC), Jermaine Seoposenwe (FC Juarez), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns FC), Nthabiseng Majiya (Richmond Ladies), Hildah Magaia (Sejong Sportstoto), Lelona Daweti (Mamelodi Sundowns FC), Ntombifikile Ndlovu (UWC FC), Wendy Shongwe (TUKS FC).