UZOTHOLA ithuba lokuzibonakalisa eqenjini lesizwe umdlali wakuleli ozinze phesheya kwezilwandle, uSinoxolo Cesane njengoba eyingxenye yeqembu leBanyana Banyana elizodlala emibili yokungcweka ne-United States of America (USA) kule nyanga.
Lo mdlali ogijima kwi-East Tennessee State University, e-USA besekunesikhathi abalandeli bemkhulumela ukuthi anikezwe ithuba ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokusabalala kwama-video akhe enza ezibukwayo phesheya.
Phambilini umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis wathi abamzibile uSinoxolo, oyiwele lesinye sezethenjwa zeBanyana, uNoxolo Cesane, kodwa kusakhona lapho okumele athuthuke khona.
Lo mqeqeshi wenze izinguquko ezimbili eqenjini eliqophe umlando ngokufinyelela kwi-Last 16 eNdebeni yoMhlaba ngenyanga edlule ngesikhathi ememezela uhlu lwabadlali abangu-23 abazobhekana ne-USA eCincinnati ngoSepthemba 21 naseChicago ngoSepthemba 24.
Ukaputeni uRefiloe Jane nesitobha uBambanani Mbane, abakalulami ngemuva kokulimala eNdebeni yoMhlaba nokuvulele uSinoxolo noLonathemba Mhlongo izikhala.
“ULonathemba ungumdlali osenesikhathi ezilolonga neqembu lesizwe ngakho-ke asimthathi njengomuntu omusha. Sesimbone kaningi futhi besilokhu simtshela lapho kumele athuthuke khona. Simbona njengomdlali ozoba wusizo eqenjini eminyakeni ezayo,” kusho u-Ellis.
“USinoxolo naye ungumdlali ebesimubhekile futhi ngike ngakhuluma naye. Sibone ukuthi lesi yisikhathi esifanele sokumnika ithuba, ikakhulukazi njengoba ese-USA. Sifuna ukubona ukuthi uzongena kanjani eqenjini.”
Njengoba le midlalo ilandele eduze ngemuva kweNdebe yoMhlaba, u-Ellis uthe besingekho isidingo sokwenza inqwaba yezinguquko eqenjini, ikakhulukazi njengoba kumele bacabangele nemidlalo yokuhlungela ama-Olympic angonyaka ozayo aseParis, eFrance. IBanyana izobhekana neDemocratic Republic of Congo emzuliswaneni wesibili wokuhlunga ngenyanga ezayo.
Ukufinyelela kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba kusize iqembu lakuleli ukuthi lenyukele endaweni ka-45 ekuklelisweni kwamazwe emhlabeni. I-USA yehlele endaweni yesithathu emhlabeni ngemuva kokukhishwa yiSweden kwiLast 16.
Noma kunjalo, u-Ellis ukholelwa ekutheni le liqembu eselicijwa nguTwila Kilgore, kulandela ukushiya kukaVlatko Andonovski ngemuva keNdebe yoMhlaba, lisengelinye lamaqembu ayingozi kakhulu emhlabeni.
Iqembu leBanyana elizobhekana ne-USA:
Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns ladies), Kaylin Swart (JVW), Katlego Moletsane (Royal AM).
Izitobha: Karabo Dhlamini, Lebohang Ramalepo, Tiisetso Makhubela (Mamelodi Sundowns), Fikile Magama, Lonathemba Mhlongo, Bongeka Gamede (University of the Western Cape), Noko Matlou (SD Eibar).
Abasesiswini: Linda Motlhalo (Glasgow City) Kholosa Biyana (Mamelodi Sundowns), Nomvula Kgoale (TS Galaxy Queens), Sibulele Holweni (University of Western Cape), Robyn Moodaly (JVW), Sinoxolo Cesane (East Tennessee State University).
Abagadli: Gabriela Salgado (JVW) Jermaine Seoposenwe (CF Monterrey), Noxolo Cesane (University of Western Cape), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns Ladies), Wendy Shongwe (University of Pretoria), Hildah Magaia (Sejong Sportstoto), Thembi Kgatlana (Racing Louisville).