SITHEMBISO MKHIZE
ENYE yezinkakha zeMoroka Swallows, uLefa Tsutsulupa, ufaka inselelo kubadlali baleli qembu ukuthi babuyise isithunzi somdlalo wezinkunzi zaseSoweto uma Izinyoni zibhekene neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Lesi sikhwishikhwishi esahlala iminyaka eyishumi kwiZinyoni, sitshele Isolezwe ukuthi kunesikhathi lapho eminyakeni edlule uma iSwallows ibhekene neChiefs noma iPirates, kume yonke into.
Sithe umdlalo wezinkunzi zaseSoweto wawuphakathi kwala maqembu womathathu. Uthe nakuba Amakhosi neZimnyama zingakaze zibe nenkinga yenkece kodwa kungaba iphutha ukungakubaluli ukuthi nesizukulwane sabadlali esilandelile silehlisile izinga. Uthe uyazibala naye.
Kugcine sekungathi umdlalo wezinkunzi zaseSoweto uphakathi kweChiefs nePirates kuphela.
ISwallows ibe nebhadi ngesizini ka-2014/15 igencwa izembe selokhu yasungulwa eminyakeni ewu-76 edlule. Ishobolo liyilandele yaze yahlikela kwiGauteng Safa ABC Motsepe League.
Ngo-2018/19, abaphathi bayo bathenge isitifiketi seMaccabi FC sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship. Kweka-2019/20, idle umhlanganiso yabuyela esigabeni esikhulu.
Kweka-2020/21, yenze kahle ilala indawo yesithupha. Kwelandelile icishe yagengcwa izembe. Kweka-2022/23, iqede kweyesishiyagalombili.
Namuhla, iSwallows nePirates bazotholana okokuqala kule sizini koweDStv Premiership, ngo-7.30 ebusuku, e-Orlando Stadium.
Kulokhu bazohlangana Izinyoni sezicijwa uSteve Komphela obekwiMamelodi Sundowns.
Kubukeka eza kahle njengoba ezakhe zilele kweyesithupha ngamaphuzu awu-18, emidlalweni ewu-11. IPirates ikweyesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-16. Nokho kunokukhononda ngokuhlulela kwala maqembu ukugcina umgqigqo.
UTsutsulupa owawagaxa emgibeni amakhokho edlala kuzo Izinyoni ngo-2015, uqagele ukuthi uma uKomphela enganikwa isikhathi umdlalo weSwallows neChiefs noma iPirates usengamisa yonke into.
"Akukuhle ukuthi umdlalo wezinkunzi zaseSoweto sekungathi uphakathi kwiChiefs nePirates kuphela. NeSwallows eyakuleli dolobha. Umuntu olazi ukusuka nokuhlala ibhola lakuleli uzokutshela ukuthi umdlalo wezinkunzi zaseSoweto ubuphakathi kwala maqembu womathathu. Ngiyavuma, zibe khona izingqinamba kwiSwallows kodwa nabadlali kumele babhukule," kubeka UTsutsulupa.
Uqhube wathi sinenhlanhla isizukulwane esikhona ngokuba nomqeqeshi ofana noKomphela.
"Kuyabonakala ukuthi inqola kaKomphela ibheka kuphi. Usakha, akanikwe ithuba lokugxisha indlela afuna kwenziwe ngayo izinto ngaphansi kobuholi bakhe. Ubufakazi buphambi kwethu, iqembu lidlala kahle, kuyabonakala ukuthi lizowufaka umbango. Naleli phupho lokubuyisa idumela layo emdlalweni wezinkunzi zaseSoweto lizokwenzeka,“ kusho uTsutsulupa.
Ngesizini edlule, iPirates iyinqobe yomibili imidlalo yeligi phakathi kwala maqembu, idlula ngo 1-0 ekhaya, yavulela isibhaxu sika 4-1 ekuhambeni. ISwallows yagcina ukwehlula eZimnyama ngo-2014.